UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter
Sekuvele okusha ngephenathi obekukhulunywa ngayo usuku lonke ngoMsombuluko.
Le phenathi nsondo yiyo esize iGhana ishaye iBafana Bafana emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngeSonto ebusuku.
Ikhalise abaningi le phenathi njengoba bebesola ukuthi unompempe uyiphile iGhana kungafanele.
Ukubuyekezwa kwayo kwithelevishini kuveze ukuthi uRushine De Reuck akazange amthinte uDaniel Amartey owise okwesaka lamazambane.
FUNDA NALA: ISafa isifake isimangalo ngephenathi edlise iBafana
Unompempe ube eseyikhomba emlotheni yize uDe Reuck ebekhombisa ngezandla ukuthi akamthintanga.
Lokhu kususe umsindo kanti neSafa seyiveze ukuthi izofaka isimangalo kwiCaf neFifa ngoba ifuna kubuyekezwe izinqumo zikanompempe.
Kodwa sekufike ezindlebeni zeMpempe ukuthi kungenzeka ukuthi into ahlawuliselwe yona uDe Reuck akukhona ukududula noma ukudonsa u-Amartey.
Ulwazi olusha luthi into okungenzeka yiyona eyenze u-Amartey awe nonompempe angangabazi ukulikhomba emlotheni wukuthi umnyathelile.
Ukucubungula kahle kwevidiyo ekhombisa lesi sehlakalo sekukhombisile ukuthi lokhu kungaba yiqiniso.
UDe Reuck uyabonakala enyathela unyawo luka-Amartey lwesikudla kwathi ngesikhathi ethi uyasuka wakhubeka wabe esewa (buka kahle isithombe nevidiyo ngezansi).
Uma lokhu kungatholakala ukuthi yikhona okwenzekile iNingizimu Afrika ingaphoxeka emehlweni omhlaba njengoba bekukhalwa kangaka nje.
Nokho sekuyocaca uma sekuphume umbiko kanompempe la achaza khona ukuthi yini le ayibonile eyenze wathi yiphenathi.
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com