Okwenzeke ngoLwesibili kuthumele isexwayiso ezimbangini zeChiefs

U-Alexander uyavuma ukuthi ubengasethembi uyoke adlale kwiChiefs
UCole Alexander
UMBONO
UBHALWE: Thulisile Miya
ISITHOMBE: Twitter

NgoLwesibili silale kuphithizela eNaturena bememezela abadlali abasha kanjalo nalabo abahambayo. Konke lokhu kwenzeka emuva kwesikhathi eside iKaizer Chiefs ingavumelekile ukusayinisa abadlali ngemuva kwesigwebo abasinikwa yiFIFA.

Lezi zimemezelo ezenziwe ngoLwesibili zibajabulisile abalandeli baleli qembu ngoba bekuchwaza ezinkundleni zokuxhumana.

Leli qembu limemezele ukuthi selisayinise uKeagan Dolly obuya eFrance kodwa thina esambona edlala ingcwenga yebhola esagijima kwiMamelodi Sundowns.

Bese kuphesle izinsukwana inuka indaba yokuthi leli qembu liyamshela lo mdlali ukuthi abuyele ekhaya, nangempela kugcine kwenzekile. Wethulwe ngokusemthethweni ngawo uLwesibili.

Ngaphezu kwalokho lo mdlali unikwe ijezi elinesesindo futhi elingagqokwa yinoma yimuphi umdlali, okukhombisa ukuthi lukhulu abalubhekile kuye.

Omunye umdlali osayinwe yileli qembu ngoLwesibili nguCole Alexander engikholwa ukuthi uzovala isikhala sikaWillard Katsande ochithiwe ngemuva kweminyaka eyishumi engumdlali walo.

Ngaphandle nje kokuthi iminyaka isihambile ku-Alexander, kodwa ngikholwa ukuthi uzosivala thaqa lesi sikhala futhi uzokwenza okungaphezulu ngoba yena uyalishaya negoli uma ethola ithuba.

Kucacela noma ubani manje ukuthi iChiefs izimisele ngokubuyisa isithunzi sayo ngoba phela bekwembulwa kwembeswa ngesizini edlule. Namanje angazi ukuthi bafika kanjani kowamanqamu weCaf Champions League.

Kufika laba badlali ababili nje beza kwabanye abamenyezelwe emasontweni amabili edlule okubalwa kubo isitobha esidlale ibhola elinenkosi phakathi ngesizi edlule uNjabulo Ngcobo noKgaogelo Sekgota bobabili abasuka kwiSwallows.

FUNDA NALA: UKatsande uthi uzoqokele yena ukudedela abafana abancane kwiChiefs 

Kuyiqiniso ukuthi izimbangi zaleli qembu zilale izinhliziyo zingezinhle izolo ngoba iChiefs ibathumelele umyalezo omkhulu ngesizini ezoqala. Abasiki bebunda bayasho ukuthi alikaqedi ukutheza leli qembu njengoba kunezikulumo ezithi basaxoxisana neSupersport United ngoSipho Mbule.

Ngikholwa ukuthi uma begcine bemtholile uMbule liyobe seliphelele iqembu likaStuart Baxter sekuyoshiyana ukwenza enkundleni. Mina sengijahe kuqale isizini sibone ukuthi iliphi elizokhala lemuke nesicoco seligi.

Ngeke ngigxile kakhulu kubadlali abachithiwe ngoba ngikholwa ukuthi bekufanele bachithwe okubalwa kubo uPhilani Zulu, Lazarous Kambole, Yagan Sasman nabanye ngoba labadlali belibasinda ijezi leChiefs.

UThulisile Miya ungumsakazi othula imidlalo bukhoma Okhozini FM kanti lo mbono awubhala kule ngosi ngowakhe, awuhlangene nabaqashi bakhe
EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.