Olaxazwe yiChiefs uthi engagxuma ahlale uma engabizwa yiPirates

Olaxazwe yiChiefs uthi engagxuma ahlale uma engabizwa yiPirates
Sbongs Gumbi

Uveze isifiso sokuqhubeka nokudlala kwidabi yaseSoweto uDaniel Cardoso olaxazwe yiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule.

Kwidabhi yaseSoweto kusuke kubhekene yona iChiefs ne-Orlando Pirates kanti lo mdlali uthi akadelanga ukudlala kulo mdlalo osuke ubhekwe yizigidi zabantu ngabomvu.

Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide kuleli viki, uCardoso uvuleleke ngezinto eziningi nangendlela ukusayina uvucu nomadakwana kweChiefs kuyikhubazile.

Kuthe uma esebuzwa ngezifiso zakhe nokuthi engavuma yini uma izimbangi zeChiefs iPirates zingaqhamuka zithi akeze kuzo angathini, wavumela phezulu.

“Impela (ngingaya kwiPirates). Phela kimi ibhola liyibhizinisi manje,” kusho uCardoso. “Futhi lokho kunganinika elinye ithuba lokudlala kwidabhi yaseSoweto.

“Yiwona mdaloo omkhulukazi ezweni futhi ungomunye wemikhulukazi emhlabeni jikelele. Ngakho uma bengifuna, ngingabalalela impela.

FUNDA NALA: IChiefs igaqele umdlali weTS Galaxy kodwa iyagodola nemali

“Sengike ngabona phambilini uBrilliant Khuzwayo wasuka kwiChiefs waya kwiPirates. Bakhona nabanye abadlali abakwenza lokho phambilini,” kuchaza yena.

“Ngingabalalela impela uma bengabeka okuthile etafuleni futhi ngeke nje ngibaqhenyele.” UCardoso, olaxazwe nabanye abayisishiyagalombili yiChiefs, kusabhekiwe ukuthi uzoyaphi.

Neminyaka ayisemihle kuye njengoab esena-33 nje okuyinto ezokwenza kube nzima kwamanye amaqembu ukuthi ambheke ikakhulukazi ngoba nemali azoyifuna izoba yitshe nje.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *