OMPETHA: UMngqithi uthi bebefuna ukusidla kowomkhaya isicoco

Abadlali beMamelodi Sundowns
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukuwina isicoco sika-11 okungesesine kulandelana yinto enkulu kakhulu kwiMamelodi Sundowns. Kodwa umqeqeshi, uManqoba Mngqithi uthi kube mnandi kakhulu ukuthi basidle bebhekene nomkhaya, iSuperSport United lesi sicoco seDStv Premiership.

“Besivele sihlose ukusiwina kulo mdlalo isicoco… kumnandi ukuwina umdlalo womkhaya bese udla nesicoco khona lapho. Isicoco sokuqala esasiwina noPitso Mosimane (ngesizini ka-2013/14) sasiwinela khona la eLoftus Versveld sibhekene nayo iSuperSport,” kusho uMngqithi.

“Besifuna ukukuphinda lokho ngoba kukwenza ube nokuzigqaja. Uhlelo lwethu kuhlezi kuwukuwina umdlalo ngoba siyiqembu elidlale lifuna ukuqopha umlando omusha.

“Besifisa ukudlula emaphuzwini angu-71 esake sawenza siwina isicoco phambilini. Kodwa manje ngeke kusenzeka ngoba sizophelelaku-69 uma siwina yonke imidlalo esele. Yilokho esesizokulwela manje,” kuchaza yena.

ISundowns ibuyela enkundleni ngoMgqibelo isiyobhekana neSwallows FC. UMngqithi uveze ukuthi le midlalo emithathu ingaba yithuba lokuthi banikeze nabanye abadlali ithuba lokuzibonakalisa.

“Sinikeza abadlali abebengalitholi njalo ijezi ithuba lokudlala. Kodwa angifuni ukwenza izethembiso eziningi ngoba asifuni ukuhlulwa. Kunezinhloso okumele sizifeze kule midlalo emithathu esele.

“Umdlalo nomdlalo esiwudlalayo siwudlalela ukuwina… asifuni ukuzibeka esimweni la ngingazithola sesihlulwa khona,” kusho lo mqeqeshi.
Email: Editor@impempe.com | Twitter: @impempe_com | Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.