Omunye umdlali wakuleli angase asayine kwi-Al Ahly kaPisto

Omunye umdlali wakuleli angase asayine kwi-Al Ahly kaPisto
UPitso Mosimane noPercy Tau
ESIZIZWA NGANDLEBENYE
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter

Kungase kube khona omunye umdlali wakuleli ojoyina i-Al Ahly yase-Egypt. Lezi zindaba zihletshelwe Impempe ngumthombo osondelene nalo mdlali.

Uthi uThabo Cele kungenzeka naye agcine ephelele kuleli qembu elingelikhulukazi e-Afrika eliqeqeshwa nguPitso Mosimane.

Omunye umdlali wakuleli osanda kusayina kwi-Al Alhy uPercy Tau obesuka kwiBrighton and Hove Albion Hove e-England nokuyinto ebaphoxile abaningi kuleli.

Basibone njengokubuyela emuva ukusuka kukaTau kwiligi engenkulukazi emhlabeni ngoba enqena ukudliwa yibhentshi.

Umthombo uthe uMosimane useyalele abaphathi be-Al Ahly ukuthi benze okusemandleni ukumtholela noCele.

UMosimane uvele uke wakusho ukuthi kunabadlali ababili baseNingizimu Afrika abafunayo kwi-Al Ahly.

UCele ngomunye wabadlali abadlale kahle eqenjini lakuleli labafana abaneminyaka engaphansi kuka-23 ebelikuma-Olympics eJapan.

Ngale kwalokho ubedlala kahle naseqenjini lakhe lasePortugal iCova Piedade kanti ungumkhiqizo weKZN Academy.

“UPitso umfakile ohlwini lwabadlali abafunayo njengoba eseqale amalungiselelo esizini ezayo nje,” kusho lo mthombo.

“Igama lakhe liselihle kubaphathi futhi bayazama ukumnika konke akudingayo ngoba bakholwa wukuthi uzolisa kude leli qembu.

FUNDA NALA: ULekgwathi usola isisindo sebhande ekubhacazeni kukaHlatshwayo kwiPirates

“Nabo bayafuna ukuthi kube nabadlali abagcina besemaqenjini amakhulu e-Europe abaphuma kubo ngakho bazomnika abadlali ikakhulukazi abasebancane”

UCele uke waba yinyama nasemaqenjini akuleli kodwa abaphathi bakhe bakuveza ukuthi abakafuni abuyele kuleli okwamanje.

Bakholwa wukuthi kusekuningi angakwenza ebholeni lase-Europe kodwa kuvele ukuthi kungenzeka bamdedele aye kwi-Al Ahly.

“I-Al Ahly kungenzeka ibawine ngoba bayamazi uPitso ukuthi angamakha lo mfana agcine esengumdlali ongcono kunalo anguye manje,” kusho lo mthombo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.