Ophephise iZinyoni ezembeni sekumele ayotakula iChiefs

UKamohelo Mahlatsi
Sihle Ndlovu

UKamohelo “Little Mouse” Mahlatsi, okulindeleke ukuthi ethulwe ngokusemthethweni maduze kwiKaizer Chiefs, ube nesandla kakhulu ekusizeni iSwallows FC ukuthi ingayi ehlathini.

Lo mdlali omncanyana ngokomzimba ukhwishizela kusale amadoda emile enkundleni, nokungesinye sezizathu esenze ukuthi iSwallows isinde ekugcineni ngci ekudliweni yizembe.

IZinyoni bekumele nakanjani ziwine umdlalo wokugcina wokuhlunga zibhekene ne-University of Pretoria ukuze zingagawulwa yizembe. UMahlatsi nozakwabo baqinisekisile ukuthi iSwallows iyahlala kwiDStv Premiership, bewina lo mdlalo ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium, ngeledlule.

“Esizitshele kona ukuthi sizosebenza ngokubambisana ukuze sisindise iqembu ekudliweni yizembe,” kusho uMahlatsi.

“Besazi ukuthi kumele sizinikele ngakho konke, uma sihlulwa sibe sazi ukuthi ukuthi sikwenze konke okusemandleni ethu.”

Le ndlela yokucabanga kaMahlatsi, oneminyaka engu-23, iyona okufanele ukuthi bafuna ukuyizwa kuMakhosi lapho esezogijima khona. IChiefs izama ukuvusa iqembu ngemuva kokungenzi kahle amasizini amaningi elandelana.

UMahlatsi umthola eseputshuluka noma yikuphi enkundleni neyinto eyenza kube nzima ukumgada.

“Umqeqeshi ubengitshela ukuthi ngidlale noma yikuphi enkundleni. Uma ngibona isikhala nje ngizishutheke lapho,” kuchaza uMahlatsi.

“Ngisho abadlali ebengidlala nabo bebazi ukuthi kumele balindeleni kimina, bese sazana. Yingakho silapha sikhona namuhla.”

Abadlali beChiefs kuzomele bamazi ukuthi uputshuka kanjani uMahlatsi okuyinto engalisiza kakhulu iqembu ngesizini ezayo. Omunye umdlali okuvela ukuthi usesayine kwiChiefs uDillan Solomons naye obedlala noMahlatsi kwiSwallows.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.