Oshiye eshiphe esixakile kwiChiefs uthembisa izindebe neSekhukhune

Oshiye eshiphe esixakile kwiChiefs uthembisa izindebe neSekhukhune
UDaniel Cardoso weSekhukhune United
Sihle Ndlovu

Oshiye eshiphile kwiKaizer Chiefs, uDaniel Cardoso, uthi uzimisele ukusiza iSekhukhune United ngokuthi iwine izindebe.

UCardoso ayivuselelwanga inkontileka yakhe kwiChiefs nokwenze ukuthi aphumele obala ngokuthi leli qembu belisayinisa abadlali abangakulungele ukulidlalela.

Abanye babone sengathi uCardoso ukhulume kanje ngoba ecasulwe ukushiya Amakhosi kodwa abanye bavumelane naye.

“Ngisanda kujoyina iSekhukhune umndeni ‘ohlangene.’ Ngiyabona ukuthi bafuna ukwenza izinto ezinkulu futhi ngiyajabula ukuthi  bafuna ukuwina izindebe,” kusho uCardoso.

“Angikaze ngiziwine izindebe ngakho ngithemba ukuthi ngizokwazi ukuwinela iqembu izindebe esikhathini esizayo. Ngicabanga ukuthi kumele sibambisane njengeqembu kodwa nokwenza kahle uwedwa kuyasiza.”

Lo mdlali wasemuva useke waba nyamanambana kwabeChiefs ngendlela akhuluma ngayo ngemuva kokuchithwa.

“Ngiyingxenye yomndeni futhi ngiyethemba ukuthi ngingafaka isandla ekusizeni abanye abafana abancane. Ngiwumdlali onamava futhi sekube njalo isikhathi eside,” kusho uCardoso.

FUNDA NALA: IPirates ijike ukucabanga, yambuyisa uMonare ebisimgabhile

“Nakanjani inhloso yami ukuthi siqede kwiTop 4 neqembu kwisizini yami yokuqala. Ngiyafuna ukuthi kube khona indebe esizoyiwina ngoba ziningi ezizodlalelwa.

“Ngifuna ukuletha indebe kwiSekhukhune futhi ngicabanga ukuthi yinto leyo efunwa amajita esidlala nayo kwiSekhukhune.

“Umyalezo wami kubalandeli beSekhukhune uthi ngiyabonga ukunginika ithuba futhi ngiyethembisa ukuthi ngizoqhubeka nomgqigqo wami. Ngikubheke ngabomvu ukuqala ikhasi elisha empilweni yami.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.