Oshwebe kancane kwiHarry Gwala, uselobizela iComrades

Oshwebe kancane kwiHarry Gwala, uselobizela iComrades
UNdumiso Sokhela uthi ufuna ukugcina enegama kwezokusubatha kuleli
Alfred Ngubane 

UNdumiso Sokhela waseBulwer uyishwebe kancane iHarry Gwala Marathon njengoba ephume indawo yesibili kodwa uthi uselolekile, manje uselobizela iComrades Marathon.

USokhela utshele Impempe ukuthi uzobe eyigijima okokuqala iComrades kodwa usenomfutho wokuthi noma engawinanga kodwa azuze ulwazi.

“Ngijabule ngendlela engigijime ngayo kwiHarry Gwala…. manje sengibheke kwiComrades kodwa ngeke ngizifakele ingcindezi,” kusho uSokhela.

“Ngisayifunda nje kuphela, angijahile ukuncintisana nabasubathi abanamava.” USokhela uphekwa ngumqeqeshi ohlinishwayo uXolani Mabhida.

Yize esemusha kwezokusubatha, uSokhela useyibhalile incwadi ebheke kubasubathi abadala kunaye ukuthi akazile ukuzosinisa amahleza kulo mdlalo.

Uphinde waveza ukuthi ufuna ukuya kumaCommonwealth Games nama-Olympics esikhathini esizayo uma esekhule ngokwanele.

Ngokusho kukaMabhida, uSokhela ungomunye wabasubathi abayigolide elidingwa ukupolishwa nje kahle bese liyabenyezela.

FUNDA NALA: Ufuneka enkantolo uKelly osekuvele ukuthi ungumsolwa kwelikaMeyiwa

“Kukhulu abantu abasazokubona kuye. Angifuni ukukhuluma kakhulu kodwa abantu bazozisholo bona sebebonile,” kusho uMabhida.

UMabhida uphinde wathi uSokhela ukhaliphile njengoba ekwazile ukulusa kahle u-Ayanda Ngcobo yize egcine emhlulile ukumdlula njengoba ebe ngumpetha omusha weHarry Gwala Marathon.

“Ubengazile ukuzonqoba lo mjaho, lokho kumele sikucacise kodwa ngimbone esekhuphuka kakhulu ngemuva kokubona ukuthi sebemkhiphe inkani oPule Molefe bagudluza u-Anelele Dlamini obesehambe phambili ibanga elide.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *