Owakuleli odlala eGeorgia usezinikele ukufuna uCele oduke eyohlowa

Owakuleli odlala eGeorgia usezinikele ukufuna uCele oduke eyohlowa
U-Ian Chikohwa owayedlala noThulani Cele kwiKe Yona Team
Sbongs Gumbi

U-Ian Chikohwa odlala kwiFC Gareji eGeorgia uselusukumele udaba lokuthungathwa kukaThulani Cele owagcinwa eyohlolwa ngelinye iqembu kuleliya lizwe okungaziwa ukuphi kumanje.

Impempe ishicilele udaba lokuduka kukaCele ngoLwesibili ekuseni kanti seluhambe lwaze lwafinyelela kuChikohwa owayedlala kwiRichards Bay ne-University of Pretoria kuleli.

Intatheli yeMpempe incinzwe ngomunye umthombo wayo osondelene nalo mdlali umazisa ukuthi useke wakhuluma naye emncenga ukuba asize.

“UChikohwa uvele wasukumela phezulu ngoba uyamazi lo mfana. Uphatheke kabi ukuthi ubesengaze ahlupheke kangaka ebe ekhona yena laphaya.

“Ube esethembisa ukuthi uzoya ehhotela la ayehleli khona lo mdlali ayobuza ukuthi ngabe waphelelaphi,” kusho lo mthombo.

UChikohwa umazi kahle uCele njengoba babevundululwe kanyekanye kwiNedbank Cup Ke Yona team search.

FUNDA NALA: Umndeni usaxakekile ngomdlali oduke kade eyohlolwa eGeorgia

“Kodwa ngoba asilazi igama lehhotela sibe sesibona ukuthi okungcono akayoqala emaphoyiseni akhona ukuze akwazi ukuthola ukuthi akekho yini khona njengoba kusolwa ukuthi waboshwa nje.

“Uzwakale kuyinto ayisukumela phezulu impela ngoba uthe uzocela naseqenjini akulo abachazele ukuthi kunento enjena eyenzakele.”

Imizamo yeMpempe yokuthola uyise kaThulani uBongani Cele beyingakaphumeleli ngoba kunolwazi uChikohwa athe belungamsiza ukuze kusheshe ukuthungatha kwakhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.