OwamaBhokobhoko uncengela uZwane kubalandeli beChiefs

USiya Kolisi ongukaputeni wamaBhokobhoko
Intatheli yeMpempe

Ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, useveze ukuthi ungumlandeli wokuqina  weKaizer Chiefs wase enxenxa abalandelli baleli qembu ukuthi beseke umqeqeshi u-Arthur Zwane.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wamaBhokobhoko ngempelasonto, uKolisi uthe izinto zizoshintsha eNaturena uma abalandeli benesineke futhi bemvumela uZwane ukuthi enze imilingo yakhe.

UZwane unengcindezi selokhu eqale ukuqeqesha iChiefs njengoba nemiphumela imphika. Abanye abalandeli baMakhosi sebevele bafuna ukuthi asuswe kulesi sikhundla.

“Ngingumdlali wezemidlalo ngakho kuyenzeka ukuthi kube nesizini lapho izinto zingahambi khona kahle. Abangeni enkundleni befuna ukudlala kabi noma bashaywe. Basebenza kanzima ukuze babe yiqembu elihle kodwa ngesinye isikhathi izinto azihlangani,” kusho uKolisi.

“Into engingayisho ukuthi kumele baqhubeke nokusebenza kanzima, baphushe. Kuseyisizini kaZwane yokuqala futhi nginesiqiniseko sokuthi uzozihlanganisa izinto uma enikwa ithuba nesikhathi sokusebenza neqembu.”

IChiefs iphinde yaphoxa abalandeli bayo ishaywa yiRoyal AM emdlalweni weMacufe Cup ngempelasonto. Leli qembu laKwaZulu-Natal lizenzela umathanda kwiChiefs selokhu lifikile kwiPremiership.

“Mningi kakhulu umsebenzi owenziwa singaboni kodwa singabalandeli kumele siqhubeke nokweseka iqembu nokukholelwa kulona. Abalandeli bavunyelwe ukudinwa kodwa ekugcineni abafana bokuthula noxolo bazobuya. Konke kuzolunga.”

IChiefs izokwamukela AmaZulu FC emdlalweni womlenze wokuqala weMTN8 eFNB Stadium, eGoli, ngeSonto ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *