Owamanqamu oweSundowns nePirates, kusho uMokwena

Abadlali beMamelodi Sundowns

OKADONGA GUMBI

Usewuhlonze njengowamanqamu umdlalo wabo ne-Orlando Pirates kwiNedbank Cup umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokweza.

Lo mdlalo obhekwe ngabomvu useLoftus Versfeld ngoLwesine ngo 6 ebusuku, kanti elizodlula kuwo lizobe selibhekana neChippa United emdlalweni owandulela owamanqamu.

“Angiqonde khona ukweya amanye amaqembu asasele kulo mqhudelwano, kodwa impela lo mdlalo ufana ngowamanqamu. Kuhlangene izinkunzi ezimbili,” kusho uMokwena.

“IPirates yizimbangi ezinzima, ezinabadlali abahle. Uyabona nje ukuthi isimo seqembu sihle kakhulu, kanti bayakuthokozela ukudlala. Bayashesha uma beya phambili.

“Bayalwazi ukushintsha amacebo okudlala, futhi lokhu bakukhonbisile emidlalweni embalwa edlule, ikakhulukazi kwiConfederation Cup,” kuqhuba lo mqeqeshi wayipheka iBucs ngesizini edlule.

“Bayaligcina ibhola, bafune ukukulawula yingakho Uma ubheka izibalo zabo zokugcina ibhola ziyanyuka.

“Iningi labadlali babo sebenisikhathi beseqenjini ngakho ukuxhumana kuhle kakhulu – bayabambisana,” kuchaza yena.

Uthi ukulandelana eduze kwemidlalo yabo akubakhathazi ngoba vele yinto abahlale bengilindele njengoba befuna ukudla zonke izicoco eziphambi kwabo.

Kule midlalo emibili edlule, iSundowns beyilishintshashintsha iqembu eliqala imidlalo, kunikwa nabanye abadlali abangajwayele ijezi njengo-Aubrey Modiba, Lesedi Kapinga noRicardo Goss ithuba lokudlala.

“Sidinga wonke umuntu ukuze sidlule kulolu hlelo esinalo kwemidlalo, ezinsukwini ezingu-11 ezizayo sinemidlalo emine, ekubeni kweziyisikhombisa ezidlule sidlale kathathu.

“Sesilinqamule lonke izwe kusukela enyakatho (la bebhekene khona neTshakhuma Tsha Madzivhandila emdlalweni weligi eLimpopo) kanti manje sibuya eMonti (eMpumalanga Kapa, la bedlale khona neChippa United).

“Sinesibalo esanele sabadlali ukubhekana nalesi simo, futhi bonke basezingeni elifanele ukuthi bakwazi ukusiza kulo mthwalo,” kucacisa uMokwena.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.