Owayedlala kuMaZulu uxwayisa uSithebe ngokujaha amaqembu amakhulu

USiyethemba Sithebe

ALFRED NGUBANE

Owayengomunye wabadlali ababengaconsi phansi kubalandeli baMaZulu FC kudala, uRichard Ngubane usenxenxe uSiyethemba Sithebe ukuba ake azinze oSuthwini, angajahi ukuya emaqenjini amakhulu.

UNgubane uqale ngokumncoma uSithebe ethi yisiqongwane, futhi nguyena insika eyenza Usuthu ludlale ibhola elikhangayo.

“Ungumdlali okhaliphe ngendlela emangalisayo futhi bayivela kancane abafana naye kuleli,” kuncoma uNgubane.

“Uyakwazi ukuqala iminyakazo yokuhlasela, aphinde avikele udonga lwasemuva – konke ukwenza ngobuchule nangokuthembeka.

“Okube kuhle kuye wukuba nenhlanhla yokuthi kufike umqeqeshi ofana noBenni (McCarthy) omvumelayo ukuba adlale gokukhululeka ngaphandle kwemibandela eminingi,” kuchaza uNgubane.

Uthe isemfisela ukuba angalimali ngoba lokho kungamthikameza bese kuba nzima ukubuyela kule fomu akuyo.

“Kusamele ahlale oSuthwini aze aqine ukhakhayi ngoba ngiyazi kukhona amaqembu amakhulu aseGauteng asemgaqele kabi ngoba asembonile ukuthi ngomunye wokhiye eqenjini,” kuphetha uNgubane.

AmaZulu alokhu eqhubekile nokuqopha umlando kwiDStv Premiership njengoba kube yiqembu lokuqala elifinyelele kumaphuzu angu-50 kule sizini.

Abe nangompetha be-Q Innovation Quarter 3 (Q3) okokuqala emlandweni waleli qembu ebeselidume kabi ngokuhlale livika izembe.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.