Owayedlala kwiBucs usolwa ecaleni lenkohlakalo nokukhwabanisa

Owayedlala kwiBucs usolwa ecaleni lenkohlakalo nokukhwabanisa
OkaDonga Gumbi

Ngezikhathi esadlala ibhola wayeyisiqongwane sesitobha esingadlulisi lutho phambi kwaso kodwa ingalo yomthetho uhlulekile ukuyivimba owayedlala kwi-Orlando Pirates.

UTonic Tshabalala kuvela ukuthi uzobe esenkantolo yamacala enkohlakalo ePalm Ridge eGoli ngoMsombuluko kulandela ukuboshelwa amacala enkohlakalo nokukhwabanisa.

Ngokubika kweSunday World, imininingwane ngokuboshwa kwakhe ibingakacaci kodwa okhulumela uphiko lokushushiswa kwamacala kuleli uPhindi Mjobondwana ukuqinisekisile ukuthi le nsizwa isenkantolo.

“Singakuqinisekisa ukuthi kunomdlali owayedlala kwi-Orlando Pirates esingeke simdalule okwamanje ngoba akakaveli enkantolo.

“Uzovela ngecala lenkohlakalo nokukhwabanisa elimayelana nemali ebalelwa ku-R15 million ngezinsolo zokuthi ubefaka izicelo zokukhokhelelwa umsebenzi angawenzanga kumasipala wasegoli,” kusho uMjobondwana.

UTshabalala wayedlala kwiPirates ngasekuqaleni kweminyaka yama-2 000 kanti washiya khona ngo-2004.

Useke wadlala nakwiThanda Royal Zulu neDynamos ngaphambi kokuqajiba emgibeni amakhokho akhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *