Owayedlalela iBucs usalwa eyokubuyela ebholeni elikhokhelayo

Sihle Ndlovu

Owayengunozinti we-Orlando Pirates, uBrighton Mhlongo, uvuma ukuthi akakayidelisi inhliziyo ngokudlala ibhola elikhokhelayo.

UMhlongo usho lokhu ngesikhathi i-90minsplus inesithangami nabezindaba eBotanical Gardens, eThekwini, ngoLwesibili emini. Lo nozinti uyena oyinxusa lale nkampani ngokubambisana no-Oupa Manyisa, naye owake wadlalela iPirates.

IGallants inqamule inkontileka kaMhlongo ngoNovemba nyakenye imsola ngokungezi ejimini izinsuku ezingu-90. Lo mdlali akalivumanga icala ezithethelela ngokuthi ubengezi kuphela ejimini uma ephoqeleka ukuya kwadokotela.

“Ummeli wami umatasa nalolo daba nePSL. Nami ngisazama ukuxhumana nodokotela abehlukene ngize nganeliseke ngendlela yami,” kusho uMhlongo.

“Sengixhumane nodokotela abangu-13 kodwa bonke basho into eyodwa. Bonke bathi ngeke ngisaqhubeka nokudlala ibhola.”

UMhlongo washaywa yibhola esweni okwenza ukuthi azithole engaboni kahle. Lokhu kwaholela ekutheni ahlale isikhathi eside engadlali.

“Njengamanje okwami ukuyekela iPSL nommeli wami ukuthi balusingathe ngendlela lolu daba. Uma konke sekuhlalukile yilapho ngizokwenza khona isinqumo sokuthi ikusasa lami limi kanjani.

“Into ebalulekile kimina okwamanje ukuthi ngibeke umqondo kukho konke lokhu engikwenzayo. Engikwenzayo manje ukuqinisekisa ukuthi liyavundululeka ikhono elisha.”

UMhlongo noManyisa banenkampani ebizwa nge #MyFootballCV okuyiyona esebenzisana ne90minsplus, okuyinkampani esabalele umhlaba wonke.

“Ngenkampani yethu sifuna ukungena ezikoleni sisize ngayo yonke indlela. Okumnandi ukuthi i-90minsplus iyakwazi ukusinika amaphasela, izingubo nokunye ukuze siqhube umsebenzi wokusiza amantu abantu abasha,” kusho uMhlongo.

Ngaphezu kwale nkampani kukhona neMhlongo Manyisa Foundation nayo abasiza ngayo abadlali abasafufusa.

I-90minsplus iphinde igcizelele ukuba yimiqemane kubadlali ngokudla ukudla okunempilo ukuze bakwazi ukudlala isikhathi eside.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.