Owayeyisikhulu saMaZulu uhlikiza umjiko wabafana abancane beChiefs

Owayeyisikhulu saMaZulu uhlikiza umjiko wabafana abancane beChiefs
UMduduzi Tshabalala weKaizer Chiefs obedlisa ngomjiko nezitayela kwiDIski Shield
Sbongs Gumbi

Kugqame uMduduzi Tshabalala weKaizer Chiefs obeshaya umjiko nezitayela ngesikhathi kudlalwa imidlalo yeDStv Diski Shield ngempelasonto edlule.

Bekubatshazwa ikhono lakhe ezinkundleni zokuxhmana abanye bethi kumele anikwe imvume yokwenza lezi zitayela naseqenjini elikhulu.

Abanye baze abathi bengaya njalo enkundleni uma bezobuka umjiko ofana nalo obewenziwa uTshabalala nabanye abafana.

Nokho kukhona nabangayiboni kahle indaba yawo ngoba bethi awulisizi ngalutho iqembu futhi uwukubikisa nje kuphela.

Omunye walabo nguLunga Sokhela obeyisikhulu kuMaZulu FC ngaphambi kokuthi balidayisele uSandile Zungu iqembu.

USokhela uvele wayihlikiza yonke lento, ethi umjiko onjena awunasidingo futhi uwumbhedo nje ongathi shu. Umjiko lona waziwa ngeKasi Flavour ebholeni lakuleli.

“Ngiyayenyanya lento okuthiwa yiKasi flavour! Iwumbhedo wangempela,” ubhale kanje uSokhela kwiTwitter ngoMsombuluko.

FUNDA NALA: UZondo weRoyal AM uthi akusho lutho ukuthi kade agcina ukucija elePSL

“Iwumbukiso wamahlaya nje kuphela. Akufanele ngabesiyayigqugquzela ngale ndlela esenza ngayo lento. Ngeke size sihlonipheke ebholeni siyizwe uma sisathi lo mbhedo uyajabulisa.”

Igama leKasi Flavour laqhamuka no-Isaac “Shakes” Khungwane owayedlala kwiKaizer Chiefs wagcina esengumhlaziyi kwiSuperSport TV.

UShakes, osewashona, wayezama ukuvika elokuthi lo mjiko uwumbhedo wokufuna ukubukwa kungenasidisngo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.