Owazalelwa eCameroon uyigile igoda koweNdebe yoMhlaba

UBreel Embolo weSwitzerland

 

Owokudabuka eCameroon, uReel Embolo, uyenzele phansi ngesikhathi ishaywa yiSwitzerland ngo 1-0 emdlalweni weNdebe yoMhlaba ka-2022 e-Al Janoub Stadium, eQatar, ngoLwesine.

U-Embolo, ongowokuzalwa uYounde, eCameroon, uke wahlala eFrance ngaphambi kokudlulela eSwitzerland. Usedlala kwiNdebe yoMhlaba yakhe yesibili neSwiss njengoba ngo-2018 esize leli lizwe ukuthi lifinyelele kwiLast 16. Ubeqala ukushaya igoli nokho kulo mqhudelwano.

ICameroon beyiza kahle kalo mdlalo kwaze kwaba u-Embolo ushaya igoli ngomzuzu ngomzuzu ka-48. Lo Embolo ubeyihlupha iLions kodwa akazange akhombise ukujabula ngemuva kokushaya igoli.

ISwiss iye kulo mdlalo inerekhodi lokungashaywa emdlalweni wokuqala weNdebe yoMhlaba kule minyaka emihlanu edlule. Iyilona lodwa ilizwe eselike ladlala kwiNdebe yoMhlaba langadedela nelilodwa igoli emidlalweni emine.

Okuhlaluke kwiCameroon ukuthi iwakhile amathuba, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala, kodwa yahluleka ukuwasebenzisa ngendlela. Ngisiwombe sesibili abengesemaningi amathuba nokuholele ekutheni igcine ishayiwe.

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *