Owe-Arrows usola abezindaba ngokuchema noSuthu

UMandla Ncikazi

SIHLE NDLOVU

‘Sizigijimela umjaho wethu, asibanakile abanye abantu.’

Lawa ngamazwi kaMandla Ncikazi ocija iLamontville Golden Arrows. Uwakhiphe ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambe iMamelodi Sundowns ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu.

Ukulahla amaphuzu kulo mdlalo kweSundowns kwenze amaqembu aKwaZulu-Natal, i-Arrows naMaZulu FC asondela kuyo.

UNcikazi uthe ujabule ngomphumela abawuthole kwiSundowns ngoba iyiqembu elidlala kahle kakhulu.

“Kube umdlalo onzima. Ngicabanga ukuthi bekusifanele ukuthola amaphuzu aphelele uma ubheka amathuba esiwakhile.

“Kodwa ngiyaziqhenya ngenqubekela phambili yabadlali, bedlala njengeqembu,” kusho uNcikazi.

“Bayayilandela imiyalelo futhi bayahlala eqhingeni lethu. Ohlale ukuthola kwiSundowns ukucinana esiswini.

“Uma ungakwazi ukubhekana nalokho uba nenkinga enkulu. Udlala neqembu elingompetha base-Afrika, uma ulenze labukeka njengeqembu ijwayelekile nje, uyaziqhenya kakhulu ngeqembu lakho.”

I-Arrows ingelinye lamaqembu enza kahle kule sizini. Lokhu kufakazelwa ukuthi ihleli endaweni yesithathu kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-43. UNcikazi uzwakale elethemba kakhulu iqembu lakhe.

“Lo mphumela muhle kakhulu njengoba sibheke umdlalo olandelayo. Sisahamba kahle, sigijima umjaho wethu, wonke lo msindo owenzeka ngamanye amaqembu asiwunakile.

Sibeke imiqondo eqenjini lethu futhi sizama ukuqeda endaweni ephezulu kunazo zonke iqembu elake laqeda kuyona.

“Sihamba kahle kakhulu kulokho, uma kwenzeka ukuthi kusisa e-Afrika, akube njalo. Uma kusibeka esicongweni se-log, kungani kungeke kwenzeke.

“Kusazodlalwa, ngicabanga ukuthi lokhu osekushiwo nezibalo ezenziwayo, yinto eseva kakhulu.

“Ngiyajabula ukuthi iqembu liye ekuhambeni ladlala imidlalo emithathu langashaywa. Sidlale ngokulingana kabili, sawina komunye umdlalo,” kusho uNcikazi.

Emdlalweni olandelayo Abafana Bes’thende bazobhekana naMaZulu eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Lo mdlalo kulindeleke ukuthi ushube kakhulu ngoba Usuthu lushaya kwasani kulezi zinsuku. Lugcine lubhaxabule iCape Town City ngo 5-1 ngoLwesithathu eKapa.

“Abadlali esinabo kule sizini bazimisele ngokulwela iqembu, basebenze njengeqembu.

“Futhi kunomqeqeshi oma phambi kwabo, uyaziqhenya ngokuba yingxenye yeqembu elenza kahle, lizinikele. Ngiyajabula ukuthi sithole iphuzu ekuhambeni.

“Sizoqhubeka siye kuMaZulu. Sizolwa yize kukhona abezindaba asebenike AmaZulu umdlalo (ukuthi azowina).

“Abanye babo (abezindaba) ikakhulukazi KwaZulu-Natal, ungafunga ukuthi baqashwe AmaZulu, uma ubheka ukungahloniphi abakunika i-Arrows, nendlela abawaqhakambisa ngayo AmaZulu.

“Nokho sizoqhubeka nokusebenza ngokuzithoba njengeqembu. Asilona iqembu losaziwayo, futhi asibona abaqeqeshi abangosaziwayo.

“Siyiqoqo elizithobile elizoqhubeka nokusebenza ngokuzithoba,” kuphetha uNcikazi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *