Owe-Arrows ukhathele uShadrack, uMeshack no-Abdenigo beSundowns

UVusumuzi Vilakazi noMabhudi Khenyeze beGolden Arrows
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uVusumuzi Vilakazi, uthi bakhathele ukuphathwa ngamadoda amathathu eMamelodi Sundowns kwiDStv Premierhip.

Usho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni isizini entsha yePremiership eGoli ngoLwesine. UVilakazi uqeqesha i-Arrows ngokubambisana noMabhuti Khenyeza, kanti kubhekiwe ukuthi bazoliphatha kanjani iqembu kule sizini ezoqala ngo-Agasti 5.

“Nginesiqiniseko sokuthi bonke abaqeqeshi, ngaphandle kwalaba abafikayo, bazosho ukuthi sikhathele uShadrack, Meshack no-Abednigo,” kusho uVilakazi ethi klabe uManqoba Mngqithi.

“Sizokwenza isiqiniseko sokuthi kule sizini siyazama ngakho konke ukubajezisa ngendlela efanele.”

Ube eseyiqhatha uThomas Mlambo, obephethe uhlelo, wabuza uMngqithi oqeqesha iSundowns ukuthi uyayizwa yini le nkulumo kaVilakazi. Njengokujwayelekile lo mqeqeshi uphendule ngendlela enomoya ophansi.

“Wonke amaqembu esizodlala nawo azobe efuna ukusibhudubeza futhi siyakwazi kahle lokho,” kusho uMngqithi.

“Siyawazi amava abaqeqeshi abalapha, laba abaqeqeshi abahle kakhulu. Siyazithoba ngokuncintisana nabaqeqeshi abalapha.

“Bonke badlalela ukuwina iligi futhi banolwazi olwanele ukusiza amaqembu abo azuze lokhu azibekele kona. Siyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa nabo bazi kahle ukuthi ngeke kube lula.”

Ngesizini edlule iSundowns ihlaze Abafana Bes’thende ibashaya ngo 6-0 emdlalweni weligi. Lokhu kuholele ekutheni i-Arrows imkhombe indlela uLehlohonolo Seema, indawo yakhe yathathwa uVilakazi noKhenyeza.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *