Owe-Arrows uzigqaja ngokusayinisa abadlali abangaziwa nhlobo

Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, uthi banendlela ehlukile yokuvundulula nokwakha abadlali kuBafana Bes’thende.

UVilkazi ucija iqembu ngokubambisana noMabhudi Khenyeza njengoba kuzoqala isizini entsha yeDStv Premiership. Ubebuzwa ukuthi ngabe bakhona yini abadlali abafuna ukuqinisa ngabo iqembu ngaphambi kokuthi kusuke ushikishi lwemidlalo yeligi ngo-Agasti 5.

“Siyiqembu elihlukile thina. Abadlali esigcina sibadayisa ngabadlali abantu abaningi ababazi ngoba sesibadayisa, ababazi uma sibathola,” kusho uVilakazi ngesikhathi kwethulwa iKwaZulu-Natal Premier’s Cup.

“Namanje kuzoba yisimo esifanayo. Sinabo abafana abambalwa abangaziwa nhlobo. Leli yisiko leqembu lethu futhi le nto siyenza ngendlela enempumelelo.

“Ngeke okwamanje ngithi ngijabule noma angijabule (ngeqembu) kodwa ngiyazi ukuthi sisayinise abafana abancane abazokwenza kahle, abangaziwa. Uma sekuphela isizini bazobe sebaziwa abathandi bebhola baseNingizimu Afrika.”

UVilakazi uthe ujabula kakhulu ngokuthi uMnyango weZemidlalo nobuciko KwaZulu-Natal, uhlale uhlelela amaqembu akulesi sifundazwe iPremier’s Cup ngaphambi kokuqala kwesizini.

“Le ndebe isisiza kakhulu ezintweni eziningi abanye abantu abangazinakile. Ngokuvamisile kudala besiya emakhempini mhlawumbe sihlale amasonto amathathu eGoli noma eKapa,” kubeka uVilakazi.

“Kodwa njengoba sekukhona iPremier’s Cup asisekho isidingo sokuthi amaqembu aseKZN aye ngaphandle kwesifundzwe ukulungiselela isizini entsha. Siyabonga kakhulu kungqongqoshe (uHlengiwe Mavimbela) ngokuqhamuka nalo mbono wePremier’s Cup.”

I-Arrows izobhekana naMaZulu FC emdlalweni wePremier’s Cup ngoJulayi 31.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.