OweBaroka uncoma abadlali ngokubamba iChiefs

UThoka Matsimela oqeqesha iBaroka FC

SIHLE NDLOVU

Ngeke asolwe ngokuzwakala ejabule umqeqeshi weBaroka FC, uThoka Matsimela, ngemuva kokuthi iqembu lakhe lithole iphuzu libhekene neKaizer Chiefs emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesine.

IBaroka neChiefs babambane ngo 1-1 ePeter Mokaba Stadium, yize bese kubukeka sengathi Amakhosi azokhala emuke nawo wonke amaphuzu. IChiefs ilishaye kuqala igoli ngonyawo lukaLebogang Manyama kodwa iBaroka yaphendula sekuyoshona ilanga ngegoli lika-Evidence Makgopa.

Kufanele ukuthi uMakgopa ujabule kakhulu ngokushaya igoli elibaluleke kangaka bebhekene neChiefs eyenza kahle kwiCAF Champions League. Phela lo mdlali ugile umhlolo bebhekene neCape Town City egeja igoli eyedwa zwi emdlalweni ogcine uphele ngo 0-0.

UMatsimela uthe ujabule kakhulu ngendlela abalwe ngayo abadlali bakhe kulo mdlalo.

“Ngicabanga ukuthi sibuye ngamandla ngesiwombe sesibili, inkinga nje ukuthi sidedele igoli elilula kakhulu. Asizange sivimbe kahle emuva ngoba kumele uhambe naye umdlali osuke egijima ephethe ibhola, njengoba kwenze uManyama kuleliya goli,” kusho uMatsimela.

“Nokho abadlali bami badlale kahle kakhulu bakhombisa ukuqina. Besilandela emuva ngegoli kodwa sakwazi ukushaya igoli lokulinganisa. Sizolithatha iphuzu siqhubekele phambili emdlalweni olandelayo.”

Umdlalo olandelayo weBaroka ubukeka uzoba nzima kakhulu. Izobhekana neChippa United, elwayo kulezi zinsuku izama ukubalakela izembe, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoLwesibili.

“Omunye umdlalo onzima lowo, awukho umdlalo olula ngalesi sikhathi sesizini. Sidlala ekuhambeni futhi sonke siyabona ukuthi iChippa ilwela ukungadliwa yizembe. Ngeke kube lula nakancane, kumele senze isiqiniseko sokuthi sizilungiselela kahle, sishaye amagoli siphinde sivale emuva,” kubeka uMatsimela.

IBaroka nayo isawadinga amaphuzu okuqinisekisa ukuthi ayiweli ezembeni noma izame ukungeka kwiTop 8. Isendaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-24.

“Kumele siphushe, umdlalo ngamunye ngesikhathi, inqobo nje uma sithola okuthile sizokuthola esikufunayo. Sidinga ukuwina, kade sagcina ukuwina umdlalo. Sidinga ukuthola okungasenani iwini eyodwa, mhlawumbe izosinika ukuzethemba uma sesiya kweminye imidlalo,” kuphetha uMatsimela.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *