OweBaroka uqine idolo ngokuthi bazoshaya iChiefs

UKgoloko Thobejane noVincent Kobola

 

Sihle Ndlovu

Iphini  lomqeqeshi kwiBaroka FC, uVincent Kobola, lithi kumele nakanjani bathole amaphuzu amathathu kwiKaizer Chiefs abazobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.

Izinto aziyimele neze kahle iBaroka eyibambe ekugcineni ngci kwilogi yePremiership. Leli qembu lisanda kuthola isibhaxu sika 4-0 kwiSekhukhune United emdlalweni odlule weligi.

“Siwabonile amaphutha ethu sibhekene neSekhukhune sazama ukuwalungisa ngesikhathi siziqeqesha,” kusho uKobola.

“Bekungumphumela ongemuhle kakhulu kithina, ikakhulukazi uma uyiqembu elizama ukuthola amaphuzu ngayo yonke indlela. Sisesimeni esingesihle neze njengamanje.”

IChiefs abazobhekana nayo isesimeni esingesihle kwayona njengoba inengcindezi evela kubalandeli kulandela ukuwashiswa ijezi yiTS Galaxy kwiNedbankCup.

“Kuzoba umdlalo onzima kakhulu njengoba sizobe sidlala neChiefs. Into enhle nje ukuthi asikho isidingo sokugqugquzela abadlali ngoba bayazi wumdlalo omkhulu lona,” kusho lo mqeqeshi.

“Kumele sithathe lo mdlalo njengeminye imidlalo ngoba siyawadinga kakhulu amaphuzu. Kithina ukushaywa yinto okungamele yenzeke, kumele siyodlalela ukufa nokuphila, siyowina.”

IBaroka isakwaze ukushaya igoli elilodwa kuphela emidlalweni emihlanu edlule. Nokho mhlawumbe kulo mdlalo izogqugquzelwa ukuthi izobe ibhekene neChiefs esafuna igoli lokuqala ku-2022.

“Siyabatshela abadlali ukuthi kumele sizame ukushaya amagoli ngoba uma ubheka sesidedele amagoli amaningi. Besilokhu sisebenza kulokho uma siziqeqesha, sethemba ukuthi azoqhamuka amagoli emidlalweni ezayo.”

Ukuwina kweBaroka ngoMgqibelo kungayinyusela endaweni ka-13 kwilogi. Uma ingawini izokhula ingcindezi kumqeqeshi uKgoloko Thobejane nephini lakhe uKobola.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.