OweBaroka usabisa i-Orlando Pirates ngesibhaxu

OweBaroka usabisa i-Orlando Pirates ngesibhaxu
UKgoloko Thobejane nabadlali beBaroka
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

IBaroka FC ifuna ukukhipha ubuhlungu ebuzwe ishayelwa ekhaya yiGolden Arrows ekhaya ngokwenza okufanayo kwi-Orlando Pirates.

IBakgaga ithole isibhaxu sika 3-2 kuBafana Bes’thende okuyinto engehlanga kahle kuyo kwazise bekungokokuqala uKgoloko Thobejane esebhentshini.

UThobejani ubuyiselwe ekuqeqesheni leli qembu ngeviki elidlule kulandela ukwehliselwa kukaMatsemela Thoka enkulisa yeqembu.

Iphini lakhe uVincent Kobola lithe sebekwamukelile okwenzeke bebhekene ne-Arrows, bafunda kukho kanti manje sebebheke iPirates ngqo.

Lamaqembu azodibana phezulu e-Orlando Stadium weDStv Premiership ngoLwesine kusihlwa. Uqala ngo-7.30 ntambama.

“Njengoba sibuya endukwini kwiGolden Arrows nje, kudingeke sibuyele emuva siyolungisa izinto ezithile.

“Yize sahlulwa yi-Arrows kodwa okusijabulisile wukuthi abadlali babonakale bewezwa futhi bewalandela amaqhinga esibacebise ngawo.

FUNDA NALA: UVan Heerden ufuna iStellies ivuke ngeSundowns

“Kube yibhadi nje ukuthi sigcine sihluliwe futhi manje sesibheke ukubhekana ne-Orlando Pirates.

“Isefomini enhle ke impela yona njengoba besanda kushaya iStellenbosch qede baya ekuhambeni emdlalweni weCAf bawina nakhona.

“Ngicabanga ukuthi bagcwele ukuzethemba manje ngakho bazofuna ukuqhuba umgqigqo.

“Kodwa nathi sibe neviki elihle lokuzilungiselela. Siyazi ngeke kube umdlalo olula.

“Sizolwa futhi ngicabanga ukuthi abafana sebekulungele ukuya laphaya beyofuna umphumela omuhle.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.