OweBucs uhalalisele uMotshwari ngokubizwa kwiBafana

UBen Motshwari we-Orlando Pirates ushaye igoli bebhekene neChippa United

SIHLE NDLOVU

UJozef Zinnbauer oqeqesha i-Orlando Pirates ujabule kakhulu ngokuthi bashaye amagoli amathathu bebhekene neChippa United ngoMgqibelo, wase encoma waphinde wabongela uBen Motshwari ngokubizwa kwakhe kwiBafana Bafana.

IBucs ibukise ngeChilli Boys iyibhaxabula ngo 3-0 emdlalweni weDStv Premiership eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo. Amagoli eZimnyama ashaywe uDeon Hotto, Riaan Hanamub (okube umkhonto ogwaze ekhaya) noMotshwari.

“Ngiyamjabulela kakhulu (uBen Motshwari), kumfanele lokhu (ukubizwa eqenjini lesizwe). Udlale kahle kakhulu emasontweni edlule. Ngiyamhalalisela ngalokhu. Ngicabanga ukuthi ukuqokwa kwakhe kumnike ukuzethemba njengoba eshaye igoli ngemuva kokubizwa eqenjini lesizwe. Ngijabule ngalokhu,” kusho uZinnbauer.

Mayelana nokubuya kwabadlali bakhe abebelimele, abafana noGabadinho Mhlango noTshegofatso Mabasa, uZinnbauer uthe ujabule kakhulu kodwa kumele acophelele indlela abadlalisa ngayo.

“Bengiphethwe yikhanda emasontweni edlule ngoba belimele abagadli bami. Sekuyalunga manje kodwa engingakusho ukuthi uGabba noMabasa badinga isikhathi. UGabba usebenza ngokuzikhandla kodwa kuyabonakala ukuthi akayena lo esimjwayele, ngokunjalo noTshego. Kodwa ngijabule ngokuthi kuzoba nokuncintisana okuhle eqenjini futhi sizokwazi ukuqhubekela phambili,” kuchaza uZinnbauer emomotheka.

Ekhuluma ngomdlalo wabo neChippa uthe ubone konke bekwenza kahle njengeqembu futhi ujabule kakhulu ngendlela abadlale ngayo.

“Ngicabanga ukuthi sidlale kakhulu ngesiwombe sokuqala, sakha amathuba amahle okushaya amagoli.  Besinamathuba okushaya amanye amagoli ngesiwombe sokuqala. Ngesiwombe sesibili sithe ukwehla, sadlalela emuva. Nokho uPule (Vincent) uthole ithuba elihle kakhulu kodwa unozinti wabo kwasho ukuthi muhle, walivimba. Nabo bazamile ukubuya bebona ukuthi liyashona kodwa sihleleke kahle kakhulu emuva.

“Ngijabule ngegoli lesithathu (likaMotshwari). UHotto uphinde wadlala kahle kanjalo noMakaringe (Fortune). Ya ngijabule kakhulu,” kuchaza umqeqeshi.

Ebuzwa ukuthi yikuphi okumjabulise kakhulu ngomdlalo uthe: “Ngijabule ngokubili. Ngijabule ngokuthi sishaye amagoli amathathu ekuhambeni. Ngineme futhi ngokuthi sivimbe kahle emuva sangangenelwa amagoli. Okunye engingakujobelela engijabule ngakho, ukubuya kukaMabasa noGabba.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.