OweChiefs ufisele abePirates inhlanhla, uthi bayisibuko sezwe

OweChiefs ufisele abePirates inhlanhla, uthi bayisibuko sezwe
UFadlu Davids noMandla Ncikazi be-Orlando Pirates
OkaDonga Gumbi

U-Arthu Zwane ufanise abaqeqeshi be-Orlando Pirates oMandla Ncikazi noFadlu Davids namavulandlela azophenduka isibuko la abanye abaqeqeshi baluleli okuzomele bazibuke khona.

ONcikazi noDavids bazohola iPirates uma seyidlala emdlalweni wamanqamu kwiCaf Confederation Cup eGodswill Akpabio Stadium, e-Uyo eNigeria ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku.

UZwane uthi uma bengaphumelela laba lokho kuzoba yinto enkulu ebholeni lakuleli nakubaqeqeshi bokuzalwa kuleli.

“Ngiyaziqhenya ngabo. Ngiyabajabulela kakhulu. Yinto enhle le abayenzayo ebholeni lakuleli,” kusho uZwane.

“Sesethemba ukuthi bazoyiwina nje le ndebe ngoba izwe liyayidinga. Nabo sifuna bakhule njengabaqeqeshi ukuze bakwazi ukusiza abanye abeza ngemuva kwabo.

“Namanye amaqembu mhlawumbe egagcina esebathemba abaqeqeshi bakuleli. Sinenqwaba yabaqeqeshi abahle kuleli lizwe sidinga nje ukubathemba,” kuchaza yena.

FUNDA NALA: UJohn Comits kuthiwe akaxolise ngokukloloda kwakhe ngecala leChiefs

“Sidinga ukuqinisekisa ukuthi abaqeqeshi abasakhula sibazise ukuthi ibhola akuwona umsebenzi owenza ngezikhathi ezithile kodwa kumele uliphile.

“Ngakho njengezwe ukuba lokhu (ukwethemba abaqeqeshi abasebancane bakuleli) sakwenza eminyakeni eyishumi edlule ngabe sikwelinye izinga kumanje.

“Ngabe sikwelinye izinga lokukhiqiza abaqeqeshi ngoba ngeke ube nabo abaqeqeshi abahle uma ungakhiqizi abadlali abahle.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *