OweChiefs ujabulela ukuyodlala phambi kwabalandeli okokuqala

U-Austin Dube
Sihle Ndlovu

Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, u-Austin Dube, uthi ukubheke ngabomvu ukudlala phambi kwabalandeli okokuqala selokhu efike kuleli qembu.

Amakhosi azotholana phezulu neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku. IChiefs izobe iqala ukudlala phambi kwabalandeli ngemuva kweminyaka emibili, ngenxa yeCoronavirus.

“Abalandeli bazobe bekhona futhi besibakhumbula kakhulu. Ukuba khona kwabo ngicabanga ukuthi kuzosinika ugqozi, futhi siyabacela ukuthi beze ngobuningi babo,” kusho uDube.

Kuvunyelwe ukuthi kungene abalandeli abanguhhafu wenkundla, nokuchaza ukuthi kungangena abangu-45 000 eFNB Stadium.

UDube uthe iSuperSport abazodlala nayo bayayazi futhi abafuniseli ukuthi kumele benzene.

“Sesidlalile nabo emzuliswaneni wokuqala. Siyazi ukuthi badlala kanjani okuyinto enhle kithina. Bayasazi nathi siyabazi,” kusho lo mdlali.

“Nokho asibekile kakhulu imiqondo kubona kodwa sizama ukuthi senze kangcono thina. Kumele sibe ngcono uma kuqhathaniswa nomdlalo esiphuma kuwona ngesonto elidlule.”

IChiefs ibambane neTS Galaxy ngo 0-0 emdlalweni odlule nokuyenza yasala kakhulu kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili.

ISuperSport isanda kukhomba indlela uKaitano Tembo obeyiqeqesha kuleli sonto. Ebhentshini layo kuzobe kuhleli u-Andre Arendse noThabo September, abazobamba kuze kuphele isizini.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.