OweChiefs ukhala ngokungawasebenzisi amathuba kweyeligi

UPhathutshedze Nange
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs seyiphenduke ibhola lamaqembu eDStv Premiership ayibhukluza amasonto elandelana emidlalweni yeligi.

Leli qembu laseNaturena lisanda kukhomba indlela obengumqeqeshi uStuart Baxter. Nokho nangemuva kwalokho izinto ziqhubekile nokungahambi kahle ngokwemiphumela.

IChiefs seyishaywe imidlalo emine ilandelana ngaphansi kuka-Arthur Zwane noDillion Sheppard. Iqale yathelwa othulini yiSuperSport United ngo 1-0 ngo-Ephreli 16.

Kuthe kusabhekwe lokho Amakhosi aphinde ashaywa yiStellebosch FC ngo 1-0. Kulandele iLamontville Golden Arrows eyishaye ngo 2-1.

Ngempelasonto kuphinde kwangalunga kwiChiefs eshaywe yiCape Town City ngo 2-1. UPhathutshedzo Nange weChiefs ukholwa wukuthi bayawakha amathuba okushaya amagoli kodwa abawasebenzisi ngendlela.

“Okokuqala engifuna ukusho ukuthi asijabulile ngemiphumela. Sifuna ukusebenza kanzima siqinisekise ukuthi siba ngcono, sithole amaphuzu amathathu emdlalweni ozayo,” kusho uNange.

“Kumele siqinisekise ukuthi sisebenza ndawonye njengeqembu. Angicabanga ukuthi iCity ibingcono kunathi, siwenzile amathuba okushaya amagoli.

“Okumele sikuqinisekise ukuthi siyawaqedela amathuba esiwakhayo ukuze sithole amaphuzu amathathu.”

IChiefs inomdlalo onzima njengoba izobhekana neMarumo Gallants kowePremiership eFNB Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

“Ngeke ngisho okuningi ngabo (iGallants), sizogxilisa imiqondo yethu eqenjini lethu. Akunandaba ukuthi sibhekene naliphi iqembu kulesi simo, kumele sizimisele sisebenze kanzima,” kusho uNange.

“Ngicabanga ukuthi sinesikwati esihle kakhulu. Kuhle ukuthi sidlala imidlalo ilandelana, angiboni kuyinkinga lokho.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.