OweChiefs ushaye igoli kwajabula uyise

UFabian McCarthy nendodana yakhe u-Aden McCarthy odlalela iKaizer Chiefs

SIHLE NDLOVU

Inyukele eqhulwini eqoqweni layo iKaizer Chiefs ngemuva kokushaya iBaroka FC ngo 2-0 emdlalweni weDStv Diski Challenge Rewired eMakhulong Stadium, eTembisa, ngoLwesithathu.

IChiefs ibidinga ukuwina lo mdlalo ukuze iqhwakele kwazise ukuthi amaqembu afana ne-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns alahle amaphuzu. Amakhosi aqale umdlalo evutha engabaselwe esho ukuyidla luhlaza iBaroka.

Ngomzuzu wesihlanu u-Aden McCarthy ulingqofele phakathi kade kuyi-free kick, yahamba phambili iChiefs. Leli goli lijabulise uyise, uFabian McCarthy, obesakaza wona lo mdlalo kwithelevishini.

UFabian naye uke wadlala kwiChiefs njengesitobha kanti nendodana yakhe idlala emuva. Lo mdlali oneminyaka engu-17 ubukeka enekusasa eliqhakazile ebholeni uma kubukwa indlela ayibamba ngokukhululeka ngayo emuva ngenxele lakhe.

Ngomzuzu ka-14 iChiefs iphinde yabuya kodwa uMduduzi Shabalala wakha amabhilidi esebhekene nonozinti uKatlego Molefe.

UShabalala ulilungisile iphutha lakhe ngomzuzu ka-20 eshaya igoli lesibili laMakhosi kwaba ngu 2-0. Ngemuva kwalokho bese ibuya iphindelela iChiefs ibona ukuthi avulekile amasango ezintini zikaMolefe.

Okuhlalukile ngesiwombe sokuqala ukuthi unozinti weChiefs uBontle Molefe ubeseholidini, ibhola lingafiki kuyena. Lokhu bekwenziwa yindlela ebeyihlasela ngayo iChiefs iphinde ivimbe kahle esiswini uma kuphunyuke ibhola.

UKatlego Mphahlele uzame ukumzuma engaphandle kwebhokisi uMolefe kodwa ibhola lakhe laphuma phezu kwepali ngomzuzu ka-43.

Ukaputeni weChiefs uSabelo Radebe uthole elihle ithuba kodwa ibhola lakhe laphuma kancane eceleleni kwepali. Ziye ekhefini kungu 2-0.

Ibuye isingconyana iBaroka ngesiwombe sesibili izama ukuthola igoli ngokushesha. Nokho ukwenza kwayo kanjalo bekwenza ivuleke emuva nobekungasho ukudedela igoli lesithathu.

IChiefs igcine ibambelele emagolini amabili nokuchaza ukuthi iBaroka ithole induku okokuqala kule sizini. Ngaphambi kwalo mdlalo ibiwine emibili yadlala ngokulingana kowodwa.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *