OweChiefs uthembisa izindebe ngesizini ezoqala

USiyethemba Sithebe weKaizer Chiefs
Sihle Ndlovu

USiyethemba Sithebe, osanda kusayina kwiKaizer Chiefs, ubona ezovuka azithathe Amakhosi ngesizini ezoqala awine izindebe.

IChiefs sekuphele inqwaba yamasizini ingawini lutho nokuyenza inhlekisa kubalandeli bamanye amaqembu, abachukuluza abalandeli bayo ngalokhu. Leli qembu  laseNaturena lisanda kusayinisa inqwaba yabadlali ladedela abanye.

USithebe uthe uyabethemba abadlali abakhona kwiChiefs ngakho kukhona abazokwenza ngesizini ezoqala.

“IChiefs yiqembu elikhulu. Ngijabule ngokhilimu esinawo uma kubhekwa abadlali abakhona,” kusho uSithebe obedlalela AmaZulu FC.

“Ngicabanga ukuthi izindebe ziyeza kule sizini ezayo. Sizozama ukuthi siwine yonke imidlalo.”

Lo mdlali useke wahlala izinyanga eziyisithupha engadlali kulandela ukuthusana kwakhe nabaphathi boSuthu, ngemuva kokuvela kokuthi usesayine kwiChiefs.

“Ngiyajabula kakhulu ukuba lapha. Ngakhula ngilandela iChiefs ngakho ngizizwa ngisekhaya uma ngilapha.

“Ngizoyilwela le bheji. Sengidlale kwiPSL isikhathi manje, ngiyazazi ukuthi ngingubani.

“Ngingathembisa abalandeli bethu ukuthi ngizoqhubeka nokuba ngumdlali abangazi ngiwuyena.”

Amazwi kaSithebe kufanele ukuthi abanika ithemba abalandeli beChiefs asebelinde isikhathi eside ukuthi iqembu  liphakamise indebe. Nokho  akungabazeki ukuthi kukhona labo  abathi ‘siyobona uma sekwenzeka’.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.