OweChiefs uthi AmaZulu ayamkweleta ufuna ukuwakhokhisa

OweChiefs uthi AmaZulu ayamkweleta ufuna ukuwakhokhisa
USiyethemba Sithebe, Keagan Dolly, Dillan Solomons noKhama Billiat
Sbongs Gumbi

Isitobha seKaizer Chiefs uDillan Solomons unenxa futhi ubona AmaZulu FC abazodlala nawo kwiMTN8 emkweleta.

IChiefs izothuthana noSuthu eFNB Stadium ngeSonto ntambama emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu.

USolomons wageja iphenathi bagcina bebambana ngo 1-1, aphunyuka kanjalo AmaZulu ogibeni ababecuphele lona.

Manje usefisa ukuthi aphinde ayithole iphenathi nejngoba bezohlangana nawo ngoba ufuna ukulungisa lelo phutha ngokuthi ayivalele enethini kulokhu.  

“Yinto engiziqhenyayo ngayo (ukushaya amaphenathi). Ngesizini edlule kwiSwallows bekuyimi umuntu ishaya wonke amaphenathi,” kusho uSolomons.

“Ukuyigeja yinto eyaba yimbi kakhulu kimi. Angikuthandi ukushweba amaphenathi kodwa ke kuyenzeka okunjena ebholeni. Ngaphoxeka kakhulu ikakhulukazi ngendlela engashweba ngayo.

“Ukube yavinjwa unozinti ngabe kuyezwakala. Kodwa ngavele ngashaya into ebheke le. Kwangidumaza kakhulu lokho.

“Kodwa ke ngoba vele nemidlalo ithothelene angizange ngibe nesikhathi sokukhathazeka ngalento. Okubalulekile wukudlulela emdlalweni olandelayo usize iqembu.”

IChiefs ivele inenkinga ngomuntu ozoshaya amaphenathi ngoba izethenjwa oKeagan Dolly noKhama Billiat sebewageje kaningana.

FUNDA NALA: Usola ukushintshwa kwabaqeqeshi ngokuphanda ndawonye kweBucs

USolomons uveze nokuthi ngeke bayijike indlela abadlala ngayo yize lona kungumdlalo weWafa-Wafa okumele kube khona owinayo.  

“Asikho isidingo sokuthi siyeke indlela yethu yokudlala. Sifuna ukudlala ngendlela efanayo yonke imidlalo. Siyazi lo mdlalo wehlukile ngoba ngowendebe.

“Siyazi ukuthi kumele siye kuwo sifike siwine ikakhulukazi emlenzeni wokuqala ngoba sisekhaya. Asivumeli muntu ukuthi aphume ejabule ekhaya,” kusho uSolomons.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *