OweChiefs uthi bazobuya namaphuzu aphelele eKZN

UNjabulo Ngcobo
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs izonikela KwaZulu-Natal iyobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weDStv Premiership, ingenakho nokuncane ukuzethemba.

Amakhosi aphinde athola induku eshaywa yiStellenbosch FC ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eDanie Craven Stadium, ngoMgqibelo.

Bese kungokwesibili leli qembu laseKapa lishaya Amakhosi kule sizini ka-2021/2022. Kube wumphumela ofanayo emzuliswaneni wokuqala weligi eFNB Stadium.

Ukushaywa kweChiefs kuchaza ukuthi seyilahle amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili. Ishaywe yiSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni odlule eFNB Stadium.

Lokhu kushaywa yikona okubukeke kuholele ekutheni obengumqeqeshi weChiefs uStuart Baxter, akhonjwe eza ngayo.

UNjabulo Ngcobo weChiefs uthi kumele bavuke bazithathe eThekwini, yize kunzima.

“Okokuqala nje siyabonga kubalandeli ngokuseseka eKapa. Kimina bekungokokuqala ngibona indlela abalithanda ngayo leli qembu enkundleni,” kusho uNgcobo.

“Ngicabanga ukuthi senze kahle kwiStellenbosch, kwaba ukuthi nje senze amaphutha ambalwa, basijezisa. Ukuya phambili, ikakhulukazi uma uye eThekwini, kumele wenze isiqiniseko sokuthi awenzi into efanayo.

“EThekwini iChiefs iyiqembu elikhulu, wonke umuntu uyalithanda leli qembu. Ngikholwa wukuthi sizothola amaphuzu aphelele.”

Ebhentshini leChiefs ngempelasonto bekukhona u-Arthur Zwane noDillion Sheppard. Balukhombisile ushintsho uma kubhekwa abadlali abaqale umdlalo obekukhona kubona uHappy Mashiane, Radebe noNjabulo Blom.

Kuphinde kwabonakala uDumisani Zuma obeqala ngqa ukudlala kule sizini. Ungene ngesiwombe sesibili kodwa nalapho lwangaba khona ushintsho kuMakhosi.

Kubukeka kuzoba nzima kakhulu kuMakhosi ukuqeda endaweni yesibili njengoba imiphumela ingavumi nje.

Abafana Bes’thende bona babambane neSekhukhune United ngo 0-0 ngempelasonto.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.