OweChiefs uthi kulula kwiChampions League kunakwiDStv Premiership

UGavin Hunt

OKADONGA GUMBI

Uyazi ukuthi yinto ezomdonsela amanzi ngomsele uma eyisho kodwa umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGavin Hunt uyakholelwa ekutheni ilula imidlalo abayidlala kwiCAF Champions League kuneyeDStv Premiership.
Lo mqeqeshi ukuveze lokhu ekhuluma ngemuva komdlalo wabo neMaritzburg United abayinqande sekuvalwe amehlo ukuthi ingabaphindi ngesibhaxu, bagcina bebambene ngo 1-1 emdlalweni weligi obuseHarry Gwala Stadium ngoLwesithathu.
EzikaHunt bezilandela izithunzi zeTeam of Choice kulo mdlalo, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala, kodwa zakwazi ukuntshontsha iphuzu ngokushaya igoli lokulinganisa sekusele imizuzu embalwa umdlalo uphele.
“Ngiyagxekwa uma ngithi indlela okudlalwa ngayo kwiChampions League ingcono, ayinaso isivinini njengakwiPremiership,” kusho uHunt.
“La kwiPremiership yisivinini sodwa, kuyasheshwa – ibhola liyaphambili, libuyele emuva masinyane… Lokho kuphoqa ukuthi uqaphe indlela ophasa ngayo.
“Kwesinye isikhathi kuze kudingeke udlale ngokuthi nawe ucindezele,” kuchaza yena.
Ukhale ngamaphutha angafanelekile kuleli zinga lebhola ezakhe ebeziwenza esiwombeni sokuqala.
“Ngicabanga ukuthi besilahla ibhola ngendlela ongeke uyilindele kuleli zinga esiwombeni sokuqala. Lokho kwenza izitha zizenzele umathanda kuwe. Besiphambana nalo ibhola.
“Bathole igoli, babe sebesicindezela. Sizijikile nokho izinto esiwombeni sesibili. Abadlali bakhombise ukuzimisela nokuzinikela futhi ngijabule ukuthi bawutholile umvuzo walokho,” kusho uHunt.
Lo mphumela uyihlengile iChiefs njengoba ukuba igcine idliwe beyizowela ezindaweni ezihleli amaqembu ashelwa yizembe.
Nokho isibalo samaphuzu esawaqoqile iChiefs sithanda ukuba yihlazo eqenjini elikhulu njegayo. Isanamaphuzu angu-29 ngemuva kwemidlalo engu-18.
Lokhu kwenza kucace ukuthi sekumele isebenzele ukuthi okungenani iqede ingaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *