OweChiefs uvuma ubuhlungu bokuyeka ithuba lokumincisa iSundowns

OweChiefs uvuma ubuhlungu bokuyeka ithuba lokuhubha iSundowns
UBernard Parker
OkaDonga Gumbi

Indlela ababephoxeke ngayo abadlali beKaizer Chiefs ngesikhathi beqeda kushaywa yiGolden Arrows yenza kwathuleka cwaka ezindlini zokushintshela ngemuva komdlalo bezwa ubuhlungu.

Lokhu kungenxa yokuthi ukuhlulwa kwabo kwakusho ukuthi ithuba abebenalo lokuhubha iMamelodi Sundowns emjahweni wesicoco seDStv Premiership seliphelile.

ISundowns seyizigijimela yodwa phambili njengoba lingasekho iqembu elibonakala lingayifica.

IChiefs yalahla ithuba layo ngesikhathi ishaywa i-Arrows yaphinde yabambana neTS Galaxy isekhaya eFNB Stadium.

Ukube yayiwina le midlalo, yayizonciphisa igebe leSundowns libe ngelamaphuzu ayisishiyagalolunye njengoba manje seliphindeke kabili nje kulokho.

“Bekunomunyu ngemuva komdlalo, sonke sasiphatheke kabi,” kusho ukaputeni weChiefs uBernard Parker ngesimo sabo ngemuva kwale midlalo ababhacaza kuyo.

“Kwakuthule cwaka egunjini lokushintshela, sonke sasizwa ubuhlungu. Sabhacaza… Salahla amaphuzu abalulekile.

“Sasiye kule midlalo sizethemba kodwa basimangaza. Kwaba yiphutha lethu futhi lokho siyakuvuma.

“Kodwa osekubalulekile manje wukuthi siqine bese sibheka phambili sizame ukuqeda isizini ngegiya eliphezulu.

“Ngicabanga ukuthi yiyo lento abasuke beyiqondile uma bethi ibhola lingakubulala uphila, sesikufundile lokho,” kuchaza uParker.

FUNDA NALA: Ukhonjwe indlela owe-Arrows ogilwe yiSundowns

Njengoba amathuba okuwina iligi esemancane kwiChiefs, lokhu kusho ukuthi zophinde iqede isizini izishwibela izandla, osekwenzeka ihlandla lesishiyagalombili kulandelana.

Lokhu kuyihlazo ke kwiChiefs ebeyaziwa ngokuhamba phambili ngokudla izicoco ebholeni lakuleli phambilini.

“Ngiyabazwela laba badlali abangakaze bawine lutho olubambekayo olufana nendondo la eqenjini.

“Phela uma ujoyina iChiefs usuke wazi kukhona ozokuthola.  Kodwa kube nzima kule minyaka eyisikhombisa edlule,” kusho yena.

IChiefs izogadulisana neSuperSport United eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama emdlalweni wokuqala ozoba nabalandeli waleli qembu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *