OweChiefs uzigqaja ngokuba wumshini ozishintshayo

UReeve Frosler

 

Sihle Ndlovu

UReeve Frosler, weKaizer Chiefs, usakugcizelela ukuthi yena ungumshini ozishintshayo futhi angadlala noma yikuphi enkundleni.

Lo mdlali usho lokhu ngemuva kokuthi ethole umklomelo wegoli elihle likaFebhuwari/Mashi, alishaye Amakhosi edlala i-Orlando Pirates ngo 2-1.

“Uma nje ngidlala, mina ngijabule. Noma yikuphi lapho umqeqeshi engifaka khona ngiyangena ngifike ngenze okusemandleni ama,” kusho uFrosler.

“Okungijabulisayo mina ukuba senkundleni ngidlale ibhola.”

UFrosler ukwazi ukuyibamba emuva kwesokudla, kanjalo nakwesokunxele. Akumxaki futhi nokudlala esiswini.

Mayelana negoli alishaya, uthe ujabule kakhulu ngokuthi wenze lokhu emdlalweni womkhaya bebhekene neBucs.

“Kumnandi kakhulu ukuwina umklomelo ikakhulukazi ushaye igoli kowomkhaya waseSoweto. Ngesese kakhulu ngalokhu,” kusho lo mdlali osebenza izinyawo zombili enkundleni.

Uthe ngeke asho ukuthi wenze kahle kule sizini njengomdlali kodwa kukhona asangakwenza.

“Akuyona isizini enkulu kimina okwamanje kodwa ngisangenza kangcono. Ikhona imidlalo esele lapho ngingazikhombisa khona.

UFrosler uzalwa eGqeberha kanti iChiefs izokashela kuleli dolobha ngoMgqibelo, lapho izobhekana khona neChippa United koweDStv Premiership.

“Bekungaba  mnandi kakhulu ukushaya igoli edolobheni engizalwa kulona. Ngebhadi abalandeli ngeke babe khona kule mpelasonto, kanjalo nomndeni wami.

“Ngeke wazi kodwa uma ngizama ukukhahlela mhlawumbe ibhola lingagcina likhale enethini,” kuphetha yena.

IChiefs izoze ibe nabalandeli enkundleni uma isibhekene neSuperSport United koweligi ngo-Ephreli 16, eFNB Stadium.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.