OweChippa ufuna ukuvuka ngeSundowns

ULuyolo Nomandela osanda kusayina kwiChippa United

SIHLE NDLOVU

Ibhekene nomqansa ongakaze wakhwelwa mbongolo iChippa United ezokwamukela iMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiership, eSisa Dukashe Stadium, ngoMsombuluko.

Izinto ziyabhimba kwiChilli Boys njengoba iyibambe endaweni ka-14 ngamaphuzu angu-17 kwi-log yePremiership. Isanda kuxosha umqeqeshi uDan Malesela kulandela ukubhaxabulwa kabuhlungu yiMaritzburg United ngo 5-1.

Njengamanje kubambe uSiyabulela Gwambi njengomqeqeshi, okunguyena okumele aqhamuke neqhinga lokushaya iSundowns ezihola phambili kwi-log. Lo mqeqeshi uthe akukho ukubheka emuva kumele babhekane neSundowns, bazame ukuthola amaphuzu aphelele ngoMsombuluko.

“Wonke umuntu ekhempini yethu ukubheke ngabomvu ukuyobhekana neSundowns neminye imidlalo. Uma kunomoya omuhle ekhempini kuhlale kukuhle ukuthi kukunike ukugqugquzeleka okufunayo eqenjini.

“Yonke into ihamba kahle okwamanje, amalungiselelo ethu aphambili kakhulu. Sisenazo izinsuku zokuqhubeka namalungiselelo omdlalo weSundowns. Kodwa into engingayiqinisekisa ukuthi umoya muhle kakhulu ekhempini yethu,” kusho uGwambi.

IChippa isanda kusayinisa uLuyolo Nomandela owake wagijima kwiSundowns, kanti kungase kuthenjelwe kuyena ukuthi asebenzise amava anawo ukukhuthuza amaBrazilians.

“Ngesinye isikhathi uma udlala neqembu eliqhwakele wena ulaphaya ezansi, ubona sekudlule isikhathi amaphuzu owatholayo ubhekene neqembu eliziholayo yiwona azokuhlenga ezembeni. Kuyabajabulisa futhi kuyabakhuthaza abadlali ukudlala neqembu elifana naleli esizodlala nalo ngoMsombuluko. Ngiyakuqonda ukuthi sinomsebenzi onzima emahlombe ethu kodwa ngiyakholwa ukuthi abafana bazokwazi ukwenza lokhu esikufunayo,” kubeka uGwambi.

Uphethe ngokuthi abekho abadlali abalimele njengoba bonke abebethintekile sebeluleme. ISundowns abazodlala nayo ayikashaywa emidlaweni yePremiership selokhu kuqale isizini. Lokhu kwenza kubukeke sengathi iyona vele ezokhala yemuke nesicoco seligi.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.