OweDowns uncoma amava nomlando kaKobus

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukudlula emhlabeni kwenkakha ebholeni laseNingizimu Afrika, uCyril Kobus, kushiye abaningi abaphile naye ngezikhathi zeNational Soccer League (NSL) bephuke umoya.

UKobus uke walidlala ibhola ngezikhathi zakudala ngaphambi kokuthi afake isandla ekuphathweni kwalo ngo-1985 ngesikhathi kusungulwa iNSL. Ngalezo zikhathi ibingakasungulwa iPremier Soccer League eqalwe ngo-1996/1997, kwehliswa amaqembu aba ngu-16 esuka ku-18.

IMamelodi Sundowns, ngomlomo ka-Alex Shakoane, idlulise amazwi enduduzo emndenini kaKobus elingasali ngaphandle igama lakhe uma kukhulunywa ngebhola laseMzansi nomlando walo.

“Egameni leMamelodi Sundowns, ngaphansi kobuholi bukasihlalo, yithimba labaqeqeshi, abadlali, abalandeli nabo bonke abasebenzi kwiSundowns, lona ngu-Alex Shakoane. Okokuqala nje ngithanda ukudlulisa ukudabuka kwethu emndenini nakubangani bakaCyril Kobus,” kusho uShakoane, ongadinge kuchazwa kwiDowns njengoba esesebenze kuyona iminyaka.

“Ukulahlekelwa kwenu ngokwethu, nokuzila kwenu kungokwethu. Sidlulisa ukudabuka okukhulu emndenini nakubangani. UCyril ubengumngani nozakwethu kunobhutshuzwayo. Sisebenze ndawonye iminyaka eminingi kakhulu.

“Sifundiswa ukuthi impilo yaphakade iqala ngemuva kokudlula emhlabeni. Ukudlula kwakhe emhlabeni kuzoshiya umgodi okungeke kube lula ukuthi ugqibeke. Nokho ukukhumbula ubuso bakhe obuhlale bumamatheka, kuzosiduduza size sihlangane futhi. Emndenini nabangani sithi yazini ukuthi Sisonke, sindawonye,” kuphetha uShakoane.

UKobus usezingeni likaKaizer Motaung, ongusihlalo weKaizer Chiefs, no-Irvin Khoza, ongusihlalo we-Orlando Pirates, ngokweqhaza alibambile ebholeni laseNingizimu Afrika. Ukusungulwa kweNSL ngo-1985 yikona okuholele ekuzalweni kwePSL ngo-1996/1997.

Njengamanje iDStv Premiership ingenye yamaligi ahlonishwayo e-Afrika nasemhlabeni. Ngesikhathi isungulwa ngo-1996/1997, kuba yiManning Rangers ompetha bayo bokuqala, kwakungaziwa ukuthi iyofinyelela kuleli zinga. IRangers yawina isicoco seligi esasibizwa Castle Premiership iqeqesha nguGordon Igesund.

Sikhuluma nje iPSL inamaqembu amane ayibamba kwiCAF Champions League nakwiCAF Confederation Cup. Lokhu kuzohlale kunjalo kule minyaka eyisishiyagalombili ezayo njengoba iChiefs isizibekisele indawo kowamanqamu weChampions League, lapho izobhekana khona ne-Al Ahly yase-Egypt ngoJulayi 17 eMorocco.

EMAIL: editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.