OweDowns uncenga uKhune ukuthi angajahi ukuyoqeqesha ayeke ukudlala

OweDowns uthi uKhune akangajahi ukuyoqeqesha, akaqhubeke nokudlala
U-Itumeleng Khune ongunozinti weKaizer Chiefs
Alfred Ngubane 

Unozinti weMamelodi Sundowns, uKennedy Mweene, ubona u-Itumeleng Khune esemncane ukuthi usengayeka ukudlala.

UMweene, 37, uthi uKhune, 35, njengoba emncane nje kunaye kumele aqhubeke adlale ibhola akhohlwe okwamanje ukuthi uzoba ngumqeqeshi wonozinti kwiKaizer Chiefs.

Uthi akakuzwa yena lokho ngoba uKhune ungunozinti osezingeni eliphezulu kakhulu futhi amhloniphayo nabona esenokuningi angakwenza enkundleni.

“Kuyenzeka ukuthi uma ngabe iqembu lingadlali kahle kukhonjwe abathile ngenjumbane, okungakwenza ugcine sewufisa ukuyeka,” kusho uMweene.

“IChiefs ibingenzi kahle kula masizini ambalwa edlule kodwa yena ubelimela eyedwa iqembu alisindise kukubi kwesinye isikhathi.”

UKhune ususe amahlebezi okuthi usezoba ngumqeqeshi wonozinti ngesikhathi eyokwenza izifundo zalokhu ngoJuni.

Ukwenze lokhu ekubeni bekusanda kuxoshwa uLee Baxter obengumqeqeshi wonozinti kuleli qembu laseNaturena.

Kuvele ke kunabalandeli beChiefs osekunesikhathi bethi usekhathele uKhune akadedele abafana abasebancane kulandela amaphushana ambalwa awenzile.

“Lo mkhuba wandile kakhulu lapha e-Afrika wokuthi kusheshe kuthiwe unozinti usemdala kodwa engakabi mdala.

“Akufani nase-Europe lapho unozinti ehlala ngisho iminyaka engamashumi amane emaqenjini amakhulu, agile izimanga,” kusho uMweene.

FUNDA NALA: Umqeqeshi weBanyana ukhala ngokushwetshwa kwamathuba beshaya iBurundi

Khonamanjalo uMweene uphinde watshela Impempe ukuthi abafana abancane abathengwe yiChiefs bazodlala kahle imidlalo emithathu bese benconywa.

Okulandela lapho wukuthi bazithwale bese izinto ziyaqala ziyababhimbela, bagcine bengafikanga ezingeni elifanele.

“Abadlali abadala abanesipiliyoni bayadingekala kakhulu ngoba bayazi ukuthi izinto zenziwa kanjani uma sekushubile,” kuphetha lo nozinti.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *