OwePirates usejahe kuphele isizini aphume aphele kwiPirates

OwePirates usejahe kuphele isizini aphume aphele kwiPirates
OkaDonga Gumbi

Umgadli we-Orlando Pirates uGabadinho Mhango useveze ukuthi usejahe kuphele le sizini khona kuzohlukana inhloko nesixhanti kuye naleli qembu.

UMhango ulizwa ngendaba ijezi kwiPirates kule sizini okuyinto esimenze wazibona engasadingeki kuyo.

Yingakho abaphathi bakhe nabePirates behlanganile bavumelana ngokuthi uma kuphela le sizini engashiya ayozama kwenye indawo.

UMhango ubezobe esesalelwe wunyaka owodwa ekupheleni kwale sizini njengoba iPirates yayelula ngonyaka ngoJanuwari.

“Sibe nomhlangano la izinhlaka zombili zivumelene ngokuthi kwehlukanwe,” kusho uMhango kwabephephandaba langakubo eMalawi iNew Nation.

“Ngethuleke umthwalo emahlombe ngalesi sinqumo ngoba bengingasadlaliswa. Kube yisizini embi lena kimi futhi sengijahe ukuqhubekela phambili. Ngethemba ukuthi kuzoba yisiqalo esisha kimi lesi.”

Uthe umphathi wakhe uMike Makaab useqalile vele ukumza,mela umsebenzi engxenye. Kuzokhumbuleka ukuthi kuke kwanemibiko yokuthi kunamaqembu aphesheya amfunayo.

“Ungitshele ukuthi kukhona amaqembu ambalwa aseke abuza ngami nokuthi ngingatholakala yini. Sizophinde sihlangane ngoLwesihlanu bese engazisa uma kukhona okusha osekuvelile.

FUNDA NALA: UNomvete ujatshuliswe umfana wakhe olandela ezinyathelweni zakhe

“Zime kanjalo izinto njengamanje futhi sengilinde ukubona kuzokwenzakalani uma kuphela le sizini.”

Ukuvumile nokuthi naye ube namaphutha okuyiwo adale ukuthi agcine engasanakwa eqenjini. Uke waba nenkinga yokuthunjwa kulandela ukwehluleka ukukhokhela isikweletu sotshwala.

“Impela zibe khona izigigaba, kodwa zabe sezenziwa ihaba kakhulu. Mina bengilokhu ngijima neqembu ngokuzimisela.

“Ngenza kahle ejimini kodwa okwethusayo wukuthi abaqeqeshi bayangizina uma sekuqokwa iqembu elizodlala futhi akukho engingakwenza ngalokho.

“Kungenzeka banenxa nami, angazi ngampela ukuthi kwenzakalani,” kuchaza le nsizwa eyayigijima kwiBidvest Wits ngaphambi kokuya kwiPirates.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.