OweRichards Bay uke wasizwa unina nodade engasebenzi

USomile Ntsundwana
Sihle Ndlovu

USomile Ntsundwana, weRichards Bay FC, uthi kukhona izikhathi lapho ebengasebenzi khona esizwa udade wabo nonina.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iNatal Rich Boyz ibe ngompetha beGladAfrica Championship ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 0-0 neCape Town Spurs eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngempelasonto.

“Isizini edlule yasiphatha kabuhlungu kakhulu. Besingafuni ukuphinde senze iphutha bese siyodlala imidlalo yokuhlunga, asifuni ukuyodlala eyokuhlunga,” kusho uNtsundwana.

“Kule sizini sikhombise ukukhula kakhulu okuyinto ebishoda kithina ngesizini edlule. Kule sizini sishintshe kakhulu.”

UNtsundwana uqokwe njengomdlali oshaye into ecokeme ngesikhathi bedlala neqembu laseKapa ngeSonto.

“Ngijabule kakhulu, ngaphandle kwabadlali nabaqeqeshi angicabangi ukuthi bengingakuzuza lokhu. Ngizothatha lokhu ngiyojabula nabanye abadlali. Lo mklomelo engiwuphethe okamama nosisi wami. Bebengeseka noma izinto zingahambi kahle.

“Kunesikhathi lapho bengingasebenzi khona kanti bebengisiza kakhulu. Lokhu kungokwabo, ngibathanda kakhulu.”

Ngokuba umdlali wosuku uNtsundwana uthole u-R3000 njengoba ekucacisile ukuthi uzoyinika unina nosisi wakhe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.