Sihle Ndlovu
IRichards Bay FC ayisoze ithengise isitifiketi sayo sokudlala kwiDStv Premiership. Lokhu kuqinisekiswe usihlalo weqembu ophinde wachaza ukuthi isimo sokudayiswa kweThanda Royal Zulu.
INatal Rich Boyz inyukele kwiPremiership kulandela ukudla umhlanganiso kwiGladAfrica Championship.
“Ayidayisi iRichards Bay. Iyigugu nokuzigqaja kwabantu bale ndawo,” kusho uBiyela.
“Ngifuna ukuchaza ukuthi safika kanjani ekutheni kudayiswe iThanda. Mina ngangingeyena usihlalo kwiThanda futhi usihlalo wayengahlali baseNingizimu Afrika.
“Uyena owavumelana naMaZulu FC ngingazi lutho mina. Ngafika emhlanganweni ngingazi ukuthi bangidayisela abanye abantu. Ngangiyisikhulu esiphezulu mina (CEO)”
Abantu abaningi banakho ukungabaza ukuthi ngabe uBiyela uzoligcina yini iqembu noma uzodayisa isitifiketi.
FUNDA NALA: Bazozama ukufukula uShalulile afice irekhodi likaMbesuma abeSundowns
Nokho yena akanandaba nalokho njengoba ethi asekubhekile manje wukuthi balungiselwe inkundla yabo yasekhaya ukuze babuyele khona.
IRich Boys idlale yonke imidlalo yayo eThekwini ngesizini edlule njengoba iMhlathuze Sports Complex yachithwa ngemuva kokuhlolwa yiPSL.
“Esikucelayo ukuthi umasipala asilungisele inkundla ukuze imidlalo yasekhaya siyidlalele eMhlathuze. Ngiyaphinda futhi, alikho inani lemali elingenza ukuthi sidayise iNatal Rich Boyz.”