OweRoyal AM ubona izisindele iChiefs ukuthola isimbambamba esikhulu

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Ukholwa wukuthi bebengashaya amanye amagoli umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka, eshaye iKaizer Chiefs ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eChatsworth Stadium, ngeSonto.

Kulo mdlalo iRoyal AM ithole iphenathi eshaywe wuVictor Letsoalo yagcina iwine ngalo lelo goli. Bese kungokwesibili leli qembu laKwaZulu-Natal liqoqa amaphuzu amathathu kuMakhosi kule sizini.

Emdlalweni wokuqala iRoyal AM ihlaze iChiefs iyishaya ngo 4-1 eFNB Stadium.

“Ngemuva kokuthi sishaye igoli siwatholile amanye amathuba futhi ngicabanga ukuthi ngabe kukhulunywa okunye ukuba siwasebenzisile,” kusho uMaduka.

“Nokho sihlulekile ukuwasebenzisa. Ngiyakhumbula ukuthi uMatjila (Sello) ubenethuba kodwa esikhundleni sokulishaya livundle nobuso bamapali uzame ukulishaya eduze kukanozinti.”

IChiefs izamile ukubuya kulo mdlalo kodwa kwasho ukuthi inhlanhla ayinayo. Iwatholile amathuba okushaya elokulinganisa kwagcina kungalunganga.

“Ngesiwombe sesibili besazi ukuthi bazobuya ngamandla ngoba sonke siyazi ukuthi iChiefs isidlala kahle. Iyiqembu elihle futhi elihlangene ngakho bekumele sizame ukuvala ngendlela amuva.

“Ngicabanga ukuthi lokho sikwenze kahle futhi ngijabule ngamaphuzu amathathu esiwatholile. Kumele ngibancome abadlali basebenze kanzima futhi bebezimisele,” kuphetha uMaduka.

IRoyal AM izobhekana neBaroka FC koweligi ePeter Mokaba Stadium, nokungumdlalo okuzobe kungowokugcina ngaphambi kukaKhisimusi. Imidlalo yeDStv Premiership izogcina ngoDisemba 23 ize ibuye ngoJanuwari 16.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.