OweRoyal AM uqwashiswa uShalulile weDowns

UVictor Letsoalo
Alfred Ngubane

UVictor Letsoalo ongumgadli weRoyal AM, uthi akabuthi qhuthu ubuthongo ngenxa yombango ophakathi kwakhe noPeter Shaulile weMamelodi Sundowns.

UShalulile uyena ohamba phambili ngamagoli angu-18 emidlalweni yeDStv Premiership, njengoba sekuzosongwa isizini. Ngakolunye uhlangothi uLetsoalo usehlohle amagoli angu-14.

Lo mgadli ukhulume neMpempe wathi ufuna ukunqoba lo mjaho wokuhlohla amagoli amaningi ekupheleni kwesizini.

“Abadlali engidlala nabo abafana noMxolisi Macuphu noNdumiso Mabena, ngiyakwazi ukuthi ngisebenze ngokubambisana nabo,” kusho uLetsoalo.

Uphinde waveza ukuthi kuyiqiniso ukuthi izobanjwa eshone kule midlalo esele yamaqembu adlala ngaphansi kwePremiership. Akakuphiki ukuthi iKaizer Chiefs imfuna njengomsebenzi.

Iqembu likaMaMkhize lizodlala umdlalo we-quarterfinal yeNedbank Cup ne-University of Pretoria, eChatsworth Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama

Leli qembu lasePitori (iTuks) lidume ngokudlisa ngamapayipi amaqembu amakhulu . Lo mdlalo uzoba ngomunye waleyo ezoheha amehlo abathandi bebhola abaningi njengoba womabili amaqembu edlala kahle kakhulu ezigabeni zawo.

IRoyal Am igaqele ukudlala kwiCAF Champions League noma kwiCAF Confrdereation Cup. Ngasohlangothini lwe-University of Pretoria ifuna ukukhuphukela kwiPremiership futhi inalo ithuba lokwenza lokho njengoba imi kahle kwiGladAfrica Championship.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.