OweSekhukhune ubesewadubile amaphuzu bexakwe yiChiefs

Umqeqeshi weSekhukhune United, uMcDonald Makhubedu

OKADONGA GUMBI

Ebona indlela abebehluleka ngayo ukusebenzisa amathuba okushaya amagoli abebewathola, umqeqeshi weSekhukhune United, uMcDonald Makhubedu uthi ubesevele wadikibala wazitshela ukuthi sekumele amukele ukuthi bazophuma nephuzu elilodwa.

Lokhu bekwenziwa indlela ebivale kahle ngayo emuva iBizana Pondo Chiefs abebebhekene nayo emdlalweni weGladAfrica Championship ngoLwesithathu ntambama.

Nokho abafana bakhe uMakhubedu bamgeze inhliziyo ngomzuzu wokugcina walo mdlalo, uMcClive Phiri esuka emuva eyokwenza umsebenzi obusubahlulile abagadli, waligaxelisa enethini ibhola.

Leli goli liqinisekise ukuthi iBabina Noko ayiyidedeli iRichards Bay – abaxinene nayo eqhulwini kulesi sigaba – ivule igebe.

“IBizana ayilona iqembu elilula,” kusho uMakhubedu ngemuva komdlalo. “Sibuke imidlalo yayo la beyibhekene khona neRichards Bay neJDR Stars, abalula neze.

“Banenqwaba yabadlali abanesipiliyoni, oSandile Zuke, Siphamandla Majola, (Mxolisi) Mayongo, Tsepang (Moremi), (Nkosingiphile) Phewa, (Lungelo) Nguse nonozinti obeyinkinga (uMbongeni Mzimela).

“Ngicabanga ukuthi bekunzima, kodwa bekumele sibangcwabe ngesiwombe sokuqala.

“Angiqondile ukubeyisa kodwa ngicabanga ukuthi bekumele sishaye amagoli amathathu kuya phezulu, namanye ambalwa ngesiwombe sesibili.

“Kodwa ngendlela ebesidlala ngayo bese ngizokwamukela nokuthi uphele engekho owinile.

“Ngemuva kwemizuzu engu-70 bese ngizitshelile ukuthi ngeke size silishaye igoli noma umdlalo ungaqhubeka usuku lonke,” kuchaza uMakhubedu.

Njengamanje iBabina Noko iyalingana ngamaphuzu neNatal Rich Boys kodwa yona ingenhla kwilogi ngenxa yesibalo samagoli esingcono.

Kodwa iRichards Bay isenomdlalo ewugodlile okungathi uma iwunqoba igxume ihlale phezulu, futhi ivule igebe lamaphuzu amathathu.

IChiefs yona lo mphumela uyigqilazile njengoba isahlezi endaweni yesibili ukusuka emsileni kanti seyisalelwe yimidlalo engu-13.

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.