OweSekhukhune ukwemukele ukuthola iphuzu kwiTuks

UMcDonald Makhubedu oqeqesha iSekhukhune United

SIHLE NDLOVU

Akakhonondanga kakhulu umqeqeshi weSekhukhune United, uMcDonaldo Makhubedu ngemuva kokuthi ezakhe zibambane ngo 0-0 nePretoria University FC emdlalweni weGladAfrica Championship ngempelasonto.

Lo mdlalo bekuvele kulindelwe ukuthi ushube kanti ukuwina kweSekhukhune bekungayinyusela esicongweni njengoba iRichards Bay ibingadlali ngenxa yokubambeka kwiNedbank Cup ngempelasonto. Ukudlala ngokulingana kweSekhukhune kwenze yaqhwakela kwi-log yaGladAfrica. Womabili la maqembu anaphuzu angu-28 kanti iBay ingemuva ngomdlalo owodwa.

“Sisuke sawuhlelela kakhulu lo mdlalo. Womabili amaqembu awakwazanga ukwenza kahle kulo mdlalo. Lawa ngamaqembu amabili anekhono elikhulu, abafana abanekhono eliyisimanga. Nokho umdlalo wanamuhla ugwinye yonke into, besihlele kakhulu kanti nabo bebenohlelo oluthile.

“Benze kahle kakhulu ukuvimba emuva kanti nathi senze kahle. Ngicabanga ukuthi besingatholani kahle, omunye waleyo midlalo lapho besifuna amaphuzu amathathu kodwa benze izinto zalukhulu nathi senza okufanayo. Khumbula iTuks iyiqembu elinekhono kakhulu kwiligi yethu futhi iqinile. Bekumele siqaphele sizame ukubahlasela ngokuzuma, siphinde sizame ukubhekana nabo ngqo.

“Womabili amaqembu abengenza kangcono. Sibe nawo amathuba ethu nabo futhi bawatholile amathuba abo. Bekungewona amathuba alula kodwa ngicabanga ukuthi bayiqembu elihle kakhulu, sibafisela inhlanhla emdlalweni olandelayo. Sizolithatha iphuzu ngoba besidlala neqembu elihle kakhulu,” kusho uMakhubedu.

Emdlalweni olandelayo iSekhukhune izokwamukela iBizana Pondo Chiefs eMakhulong Stadium.  ngoLwesithathu ngo-3.30 ntambama.

“Abafana benze konke ebesikuhlelile. Babavale kahle abadlali beTuks ikakhulukazi abadlala ezimpondweni. Abadlali bami benze kahle namuhla ngiyaziqhenya ngabo. Kodwa besingawathola amaphuzu amathathu,” kuphetha uMakhubedu.

Imiphumela yaGladAfrica Championship:

Bizana Pondo Chiefs 1-1 JDR Stars; TS Sporting 1-0 Polokwane City; Uthongathi FC 1-2 Jomo Cosmos; Pretoria University FC 0-0 Sekhukhune United; Steenberg United 2-1 Cape United

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.