OweSekhukhune uthembisa iRoyal Am isimbambamba koweligi

UMacDonald Makhubedu
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weSekhukhune United, uMacDonald Makhubedu, uyithembisa isibhaxu sodwa iRoyal Am abazobhekana nayo emdlalweni weDStv Premiership eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoLwesibili.

“Angikhumbuli sishiya amaphuzu KwaZulu-Natal kusukela ngesizini edlule. Lena yinkundla esenza kahle kakhulu kuyona,” kusho uMakhubedu.

“Nginesiqiniseko sokuthi sizobuya nawo amaphuzu amathathu.”

Ukhuluma kanjena nje uMakhubedu Ezasebukhosini ziyavutha kule sizini. Azifuni lutho eChatsworth Stadium, kanti nasekuhambeni ziyakwazi ukuwina.

“Sihlonipha wonke amaqembu kwiligi kodwa uma sekuza kithina siyazi ukuthi siyalwa kakhulu. Sincintisana nanoma ubani ngakho ngicabanga ukuthi sizokwenza kahle ngoLwesibili.

“Abafana bami ngomumo. Sishayiwe ngoMgqibelo kodwa ngiyazi ukuthi bazobuya ngamandla uma sebebhekene neRoyal AM, enhle kakhulu.

“Uma ngibheka imidlalo yethu emibili edlule yeligi, sidlale kahle. Sibe nebhadi nje ukudlala ngokulingana neSuperSport United kanjalo neChippa United.”

La maqembu ayaqala womabili ukudlala kwiDStv Premiership kule isizini. Ake aba sematheni ebanga ukunyukela kwiPremiership aze afikisana enkantolo, esadlala kwiGladAfrica Championship.

Kugcine kuphumelele iSekhukhune ebe ngompetha beGladAfrica Championship. IRoyal AM idlala esigabeni esikhulu ngemuva kokuthenga isitifiketi seBloemfontein Celtic ekuqaleni kwesizini.

“Kuzoba umdlalo omnandi kubhekene amaqembu amahle enkundleni. Kodwa ngiyazi ukuthi sizokwenza kangcono ngoLwesibili, ngiyabethemba abadlali bami,” kuphetha uMakhubedu.

Umdlalo uqala ngo-5.30 ntambama.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.