OweSharks akanalo uvalo ngeBulls koweCurrie Cup

USkhumbuzo Notshe weCell C Sharks othi ayimthusi nakancane iBlue Bulls

MTHOKOZISI MNCUSENI

Akanandaba nokuthi irekhondi nomlando kuvuna iVodacom Bulls uSikhumbuzo Notshe weCell C Sharks, ezobe iyizivakashi kowamanqamu weCarling Currie Cup ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eLoftus Versveld.

UNotshe ukusho lokhu ngemuva kokuthi umqeqeshi weSharks, uSean Everitt, engazange enze zinguquko eqenjini labangu-23 alimemezele ukuthi lizodlala owanqamu uma uliqhathanisa nelinqobe kwiWestern Province ngo 19-9 eKapa ngeledlule.

Yize kungekho zinguquko kodwa uSanele Nohamba obeqale owaseKapa uzoba sebhentshini kulokhu bese indawo yakhe ithathwe uJaden Hendikse ababanga naye indawo.

La maqembu ahlangana nje yinqoba anqobe kanzima ngeledlule iSharks ishaya iProvince, ngosuku olufanayo iBulls yapulukutshela kwiXerox Lions.

Umlando uyayiphika iSharks uma ibhekene neBulls kwazise kusenesilonda sango-2007 koweVodacom Super Rugby.

Ngesikhathi la maqembu egcina ukuhlangana eThekwini kunqobe iSharks kodwa kwemibili abagcine ukuyidlalela ePitoli ezikaJake White (ongesinye isinongo kulo mdlalo wamanqamu) zizidlele amahlanga.

Ayimkhathazi nakancane uNotshe leyonto ngoba ukholelewa ekutheni uma beshayiwe kukhona abakufundayo.

“Akusho lutho ukuthi umlando uthini. Umdlalo wamanqamu lo, kuzoya ngokuthini yiliphi iqembu eliwufuna kakhulu.

“Indaba yomlando yinto engekho ngoba sekwenzeka. Uma sishaywa siyafunda phela ukuthi singawaphindi amaphutha afanayo.

“Kulula nje, kufanele ukhumbule ukuthi wawuzizwa kanjani mhla nishawa yiBulls bese uyazikhethela ukuthi uyafuna yini ukukuguqula lokho noma cha,” usho kanje uNotshe ngokuzethemba.

Selilonke iqembu leSharks limi kanje: Aphelele Fassi, Sibusiso Nkosi, Lukhanyo Am (ukaputeni),Marius Louw, Yaw Penxe, Curwin Bosch, Hendrikse, Notshe, Henco Venter, Dylan Richardson, Ruben van Heerden, JJ van der Mascht, Thomas du Toit, Fezokuhle Mbatha no-Ox Nche.

Ibhentshi: Dan Jooste, Mzamo Majola, Michael Kumbirai, Hyron Andrews, Thembelani Bholi, Nohamba, Jeremy Ward noManie Libbok.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.