OweSimba ubona esaba ukuxoshwa kwiBucs uNcikazi

Sihle Ndlovu

Isikhulu esiphezulu seSimba SC, uBarbar Gonzalez, sesithembise ukuthi sizofaka isikhalazo esisemthethweni mayelana nokushiwo umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi.

Lo mqeqeshi ukhulume ngokungesabi nakancane, ekhala ngendlela abaphathwe ngayo eTanzania lapho beshaywe khona yiSimba ngo 1-0, emdlalweni womlenze wokuqala we-quarterfinal yeCAF Conderation Cup.

ISimba ithole iphenathi yayishaya phakathi ngomzuzu ka-68 kodwa uNcikazi uthe bekungamele ibekwe le phenathi ngoba bekungoyona. Kunalokho ukhale ngokuthi yibona obekumele bathole iphenathi kuqala kulandela ukudlaliswa kabi kukaSiphesihle Ndlovu.

Ngaphandle kokwenzeke enkundleni uNcikazi uthe abazange baphathwe kahle nakancane ohambeni lwaseTanzania.

“Kungani ama-Afrika ephatha amanye ama-Afrika ngale ndlela? Siphathiswe okwezilwane eTanzania,” kusho uNcikazi ngemuva komdlalo.

UGonzalez useqinisekise ukuthi bazofaka isikhalazo ngokusemthethweni.

“Uma efuna ukusizela ngomqondo, ngiyacela akhiphe izwe lami lapho neqembu lami,” kusho uGonzalez kwi-KickOff.

“Akuzange kwenzeke konke lokhu akushoyo, futhi noma kungafika iPSG lapha singayiphatha ngendlela efanayo.

“Ukuthi kube khona umuntu othi iSimba ibahlukumezile noma ayibanikanga ukubeseka, futhi ibaphathe ngesandla sensimbi, yinto engekho nhlobo leyo.”

Kuyamangaza nokho ukuthi yini engenza uNcikazi avele akhale ngempatho nje kungekho into eyenzekile.

“Lonke usizo abebelundinga thina sibanikile futhi iSimba ayikaze iziphathe kabi izivakashi.  Sifuna ukuyidlulisela phambili le ndaba, kumele ibe yisifundo nakwabanye.

“…ngiyaqonda ukuthi kukhona nokusabela umsebenzi kuyena nethimba lakhe labaqeqeshi kwi-Orlando Pirates. Nokho lena akuyona indlela ekahle yokuhlenga umsebenzi wakhe nokukhuluma kanje ngathi.

“Njengesikhulu esiphezulu seSimba angikwamukeli, njengesakhamuzi saseTanzania angikwamukeli, yingakho nje ngizofaka isikhalazo esiqinile,” kusho uGonzalez.

IBucs izokwamukela iSimba emlenzeni wesibili we-quarterfinal, e-Orlando Stadium, ngeSonto.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.