OweSouthampton udumele behlazwa yiMan United

U-Anthony Martial ushaye amagoli amabili iManchester United ihlaza iSouthampton koweligi

MTHOKOZISI MNCUSENI

‘Ayiqaqambi kangcono inhliziyo! Uma uzitshela loko ukhohliwe. Kubuhlungu kakhulu kunokwasekuqaleni. Ngeke ngikukhohlise.’

Lawa yiwona kuphela amazwi aphumelele ukuwakhipha ngomlomo wakhe umqeqeshi weSouthampton, uRalph Hasenhuttl, ngemuva kokunwaywa yiMachester United ngehlazo lika 9-0 emdlalweni we-English Premiership e-Old Trafford ngoLwesibili.

ISouthampton iqede lo mdlalo ingasaphelele kwazise u-Alexandre Jankewitz noJan Bednarek bese bekhishwe ngamakhadi abomvu ngomzuzu wesibili noka-89 umdlali ngamunye.

Ngo-Okthoba nyakenye iSouthampton yakhe uHasenhuttl ibhaxabulwe iLeicester City ngo 9-0, okwaba umphumela owethuse umhlaba wonke kwazise lokhu kwakugcine ukwenzeka ngo-Okthoba 5 ngo-1995, yona belu iManchester yakhona ixebula i-Ipswich Town ngembudlu efanayo.

Ubengazimisele ngokukhuluma ngemuva komdlalo umqeqeshi weSouthampton osanda kukhihhla isililo eqeda ukunqoba kwiLiverpool.

Nyakenye eshaywa yiLeicester uyivumile induku nakhona umbona ukuthi kuthi azizehlele izinyembezi. Usukumile nokho uHasenhuttl ngemuva kwaleli hlazo wahlanganisa iqembu okugcine wonke umuntu esecabanga kaningi uma ezoya kulona, njengoba sebephinde bebuyela kwamhlaba bethelwa ngehlazo elenza ufise umgodi wokucasha.

Umuzwa ubuhluke kakhulu kwiManchester njengoba le wini iyibeka esicongweni lapho ibambene khona ngamaphuzu neManchester City.

“Uma kukuvumela kufanele ukusebenzise ebholeni ngoba akuyona into ejwayele ukwenzeka. Ubani owaziyo mhlawumbe lona bekuwumdlalo wokugcina owudlalayo ngakho-ke ngeneme ngendlela esenze ngayo namuhla,” kusho u-Ole Gunnar Solskjaer.

Amagoli ashaywe ngu-Anthony Martial, amabili, Aaron Wa-Bissaka, Marcus Rashford, Bednarek (ewugwaza ekhaya), Edinson Cavani, Scot McTominay, Bruno Fernandes (iphenathi)noDan James.

 

mthokozisi@impempe.com

@MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *