OweStellies akafuni ukugxeka abadlali bakhe ngokulahla amaphuzu ekugcineni

USteve Barker oqeqesha iStellenbosch FC

SIHLE NDLOVU

Akafuni ukugxeka iqembu lakhe ngokudedela amaphuzu ekugcineni imidlalo ilandelana umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker.

IStellies iphinde yalahla amaphuzu ibhekene neSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership lapho la maqembu ebambane khona ngo 1-1, eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngoLwesihlanu. Yenze okufanayo nangesikhathi idlala neMamelodi Sundowns lapho ishaywe khona ngo 2-1 yize kade ihamba phambili ngo 1-0.

UBarker uthe kona akumnandi ukulahla amaphuzu ngale ndlela kodwa uzokwamukela okwenzekile ngoba ibhola lihamba kanjalo.

“Kucishe kube yimpinda yomdlalo weSundowns kodwa ngicabanga ukuthi kube wumdlalo omuhle kakhulu. Besihleleke kakhulu futhi sivala kahle kakhulu emuva, sibhekene neqembu elihle kakhulu. Sibabambe kahle isikhathi esiningi somdlalo. Ngicabanga ukuthi sishaye igoli elihle kodwa futhi sidedele igoli obekungamele silidedele. Angazi kwenzekeni kuleya free kick engicabanga ukuthi bekumele inikwe thina, kuyaphoxa lokho,” kusho uBarker.

“Uyazi uma ubheka isizini edlule izinto sezishintshile kithina njengeqembu, siphoxwa nje ukuthi siyehluleka ukuthola amaphuzu aphelele emaqenjini amakhulu eza lapha (enkundleni yabo). Ngicabanga ukuthi yinto encane nje okumele siyibheke ukuthi sibeke imiqondo yethu emdlalweni imizuzu engu-96 yonke. Kumele senze kangcono uma sihamba phambili emidlalweni, kufanele sibhukule sikwazi ukungangenelwa amagoli isikhathi esiningi.

“Ngaphandle kwalokho ngeke ngibagxeke abadlali nokuzinikela kwabo. Ngicabanga ukuthi ukuthola iphuzu umphumela okahle uma ubheka yonke imizuzu engu-90. Sibe nebhadi nje ukuthi singatholi amaphuzu aphelele namuhla.”

IStellies kumele izame ukushintsha indlela eyenza ngayo emizuzwini yokugcina uma izimisele ngokuwina imidlalo, ikakhulukazi uma idlalela ekhaya.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.