OweStellies ufuna bayiphinde ngesimbambamba iChiefs

USteve Barker
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, ufuna baphinde bayishaye iKaizer Chiefs okuvele kukhala isibhaxu siphindelela kuyona kulezi zinsuku.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership, eDanie Craven Stadium, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.

IChiefs ishaywe yiSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni odlule phambi kwabalandeli bayo. Nokho nayo iStellies ibuya kwesayo isibhaxu njengoba ishaywe yiChippa United ngo 1-0 emdlalweni odlule.

“Umphumela wethu neChippa usiphoxile ngoba ngabe sesibangisana namaqembu amakhulu manje ebholeni laseNingizimu Afrika,” kusho uBarker.

“Siyishayile iChiefs ekuqaleni kwesizini futhi kungaba kuhle uma singayiphinda. Njengamanje into ebalulekile ukuthi sithole amaphuzu amathathu.

IStellies inamaphuzu angu-36 emidlalweni engu-25, kanti iChiefs inangu-39 emidlalweni engu-23. Ukuwina kweStellies kungasho ukulingana neChiefs kanjalo ne-Orlando Pirates, ezobe imatasa nomdlalo weCAF Confederation Cup.

“Isizini yonke besilokhu sihleli emaqenjini ayisithupha aphezulu, manje sekukithina ukuthi siqede isizini ngegiya eliphezulu,” kusho lo mqeqeshi.

“Sisalelwe imidlalo emihlanu ngakho kumele siqale ngalo weChiefs ukuqoqa amaphuzu. Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu, akuwona umdlalo olukhuni ukuthi ungagqugquzela abadlali.

“Ngiyajabula kakhulu ukuthi abalandeli bazobe bekhona enkundleni. Umdlalo omkhulu kithina njengeqembu futhi yithuba elikahle lokuthi siqinise indawo yethu kwiTop 8.

“Uma singashaya iChiefs singakholwa wukuthi singaqeda kwiTop 4, kwazi bani mhlawumbe sizithole sidlala kwiCAF.”

Egcina ukuhlangana la maqembu emdlalweni weligi kuwine iStellies ngo 1-0 eFNB Stadium.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.