IStellies ingayinqamula injabulo yeChiefs

USteve Barker oqeqesha iStellenbosch FC

SIHLE NDLOVU

IStellenebosch FC seyikhombise kaningi ukuthi iyiqembu okungamele lithathwe kancane kwiDStv Premiership kule sizini esibheke emaphethelweni ka-2020/2021.

Leli qembu eliqeqeshwa uSteve Barker ligcine libambane neSuperSport United ngo 1-1 ekhaya ngoMashi 19. Ngaphambi kwalokho lishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni okwakumele liwuwine njengoba lalihamba phambili ngo 1-0 isikhathi eside kuwona, futhi lathola namathuba okushaya amanye amagoli.

IStellies izobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni wePremiership eFNB Stadium, ngoLwesibili ngo-5 ntambama. IChiefs abazobhekana nayo ibukeka ivukile kakhulu emaqandeni njengoba isanda kushaya i-Orlando Pirates ngo 1-0, koweligi, yabuye yashaya iWydad Athletic Club ngo 1-0 koweCAF Champions League.

UBarker ocija iStellies ufuna baqede isizini kahle njengoba sekusele imidlalo eyishumi kuphela ukuthi isongwe.

“Kusele imidlalo eyishumi ukuthi isizini isongwe ngakho lesi yisikhathi esibaluleke kakhulu eqenjini. Siqala ngeChiefs futhi sidlale kahle emidlalweni emine edlule. Sibe nekhefu elikahle ngesikhathi sekhalenda leFifa, nokuyinto esinike ithuba elikahle lokuthi sisebenze ezintweni esifuna ukuba ngcono kuzo,” kusho uBarker.

Nokho lo mqeqeshi wazi kahle ukuthi bazobhekana neChiefs eshintshe kakhulu uma kuqhathaniswa nasekuqaleni kwesizini lapho ibishaya khona udaka.

“Ikhefu liphinde lasinika ithuba lokuthi sibe nesikwadi esiphelele. Kube yisikhathi esihle kakhulu futhi amalungiselelo ethu ahambe kahle. Kunomoya omuhle ekhempini yethu, futhi njengeqembu sifuna ukuqeda le midlalo yokugcina ngegiya eliphezulu, siyakholwa singakwenza lokho.

“Lisekhona ithuba lokuqeda kwiTop 8 kodwa sidinga ukuthola amaphuzu ngokushesha. Ukudlala neChiefs ekuhambeni akuwona umdlalo olula neze. Basanda kuthola imiphumela emihle njengoba bengazange bangenelwe yigoli bebhekene nePirates kanjalo neWydad.

“Kodwa sicabanga ukuthi njengeqembu sikhulile, sinokuzethemba. Siyiqembu elingashaya noma ubani noma yinini, uma nje sizodlala ngendlela esikwazi ukudlala ngayo. Kumele sikholwe ukuthi singawina noma yimuphi umdlalo esisuke siwudlala. Kuzoba nzima kodwa siya emdlalweni sikholwa ukuthi singadlala kahle sizinike ithuba lokubuya naphuzu aphelele,” kuphetha uBarker.

IStellenbosch iwadinga kakhulu amaphuzu njengoba nasezembeni ingaphephile. Ilele endaweni ka-13 ngamaphuzu angu-20 kwi-log.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *